UGwala usola ‘izinyanga’ ezilapha ngezicubu
UHULUMENI kumele asebenzise izindlela ezifana nalezo azisebenzisa ngesikhathi elwa nokubulawa kobhejane kufuneka izimpondo zabo, ekulweni nesihlava sokubulawa kwabantu kufuneka izicubu zabo.
UMnuz Blessed Gwala okhulumela i-IFP ophikweni lwezokuphepha komphakathi eKZN, uphawule kanje ngemuva kokuvela kukaMnuz Sibusiso Ngidi obuye azibize ngoSibusiso Xolo (34), waseMargate obanjwe oqotsheni edayisa izicubu zomuntu ezomisiwe.
UNgidi uvele enkantolo yeMantshi yaseMargate ngoLwesibili, icala lakhe lahlehliselwa uLwesibili oluzayo.
UGwala uthe uhulumeni wenze umehluko omkhulu ngezinhlelo zakhe zokulwa nokubulawa kobhejane kufunwa izimpondo zabo.
“Nakulesi sihlava uhulumeni akenze okufanayo, obhejane bebebulawa ngoba kunenkolelo yokuthi izimpondo zabo zisetshenziselwa ukuthaka imithi ethile. Manje sekubulawa abantu ngoba kunenkolelo yokuthi izicubu ezithile zemizimba yabo iyizithako zemithi,” kusho yena.
Uthe ukholwa ukuthi kwazona izinyanga ezithi izicubu zabantu ziyelapha zingabathakathi.
“Sekukaningi ngibona izikhangiso ‘zezinyanga’ emaphepheni zithi zikwazi ukucebisa abantu, ukwelapha izifo ezaziwayo ukuthi azelapheki, ukukhipha abantu emajele nokunye, okubonakalayo ukuthi akukhona ukwelapha kodwa kungukuthakatha,” kusho yena.
UNgidi kusolwa ukuthi ubebuye agubhe amathuna bese ekhipha izidumbu ezisanda kungcwatshwa bese ezidayisela izinyanga.