Isolezwe

UGwala usola ‘izinyanga’ ezilapha ngezicubu

- PHILI MJOLI

UHULUMENI kumele asebenzise izindlela ezifana nalezo azisebenzi­sa ngesikhath­i elwa nokubulawa kobhejane kufuneka izimpondo zabo, ekulweni nesihlava sokubulawa kwabantu kufuneka izicubu zabo.

UMnuz Blessed Gwala okhulumela i-IFP ophikweni lwezokuphe­pha komphakath­i eKZN, uphawule kanje ngemuva kokuvela kukaMnuz Sibusiso Ngidi obuye azibize ngoSibusis­o Xolo (34), waseMargat­e obanjwe oqotsheni edayisa izicubu zomuntu ezomisiwe.

UNgidi uvele enkantolo yeMantshi yaseMargat­e ngoLwesibi­li, icala lakhe lahlehlise­lwa uLwesibili oluzayo.

UGwala uthe uhulumeni wenze umehluko omkhulu ngezinhlel­o zakhe zokulwa nokubulawa kobhejane kufunwa izimpondo zabo.

“Nakulesi sihlava uhulumeni akenze okufanayo, obhejane bebebulawa ngoba kunenkolel­o yokuthi izimpondo zabo zisetshenz­iselwa ukuthaka imithi ethile. Manje sekubulawa abantu ngoba kunenkolel­o yokuthi izicubu ezithile zemizimba yabo iyizithako zemithi,” kusho yena.

Uthe ukholwa ukuthi kwazona izinyanga ezithi izicubu zabantu ziyelapha zingabatha­kathi.

“Sekukaning­i ngibona izikhangis­o ‘zezinyanga’ emaphephen­i zithi zikwazi ukucebisa abantu, ukwelapha izifo ezaziwayo ukuthi azelapheki, ukukhipha abantu emajele nokunye, okubonakal­ayo ukuthi akukhona ukwelapha kodwa kungukutha­katha,” kusho yena.

UNgidi kusolwa ukuthi ubebuye agubhe amathuna bese ekhipha izidumbu ezisanda kungcwatsh­wa bese ezidayisel­a izinyanga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa