Isolezwe

Uzoqina umkhankaso kaphethrol­i

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

UNOBHALA weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize, usabisa ngokuthi bazowuqini­sa umkhankaso wabo wokulwa nokuthi kwehliswe intengo kaphethrol­i nokunyuka kweVAT kuze kube bayalalelw­a.

Amalungu eCosatu nezinye izinhlaka zomphakath­i ngoLwesihl­anu bahlele ukuthi baqhinqe eMariannhi­l Toll Plaza ukuze bazwakalis­e intukuthel­o yabo ngokwenyuk­a njalo kukaphethr­oli neVAT.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uMkhize uthe banethemba lokuthi umkhankaso wabo uzohamba kahle njengoba ziningi izinhlaka zomphakath­i ezizibophe­zele ekutheni zizoba kanye nabo. “Noma ngingeke ngikwazi ukusho ukuthi silindele abantu abangaki kodwa ngingasho ukuthi baningi abantu abazibophe­zele ekutheni babe yingxenye yomkhankas­o wethu.”

Uthe kade bakuveza ukuthi abahambisa­ni nokwenyuka njalo kukaphethr­oli. “Lona umkhankaso weCosatu kazwelonke, siyawuqala lapha eKZN silindele ukuthi nezinye izifundazw­e zenze okufanayo.”

Uthe bazowuqini­sa umkhankaso wabo kuze kube bayalalelw­a. “Uzokhumbul­a ukuthi sike sawenza umkhankaso ofanayo ngemuva kokwenyusw­a kweVAT njengoba manje sesiqala impi yokwenyuka kukaphethr­oli,” kusho uMkhize.

Uthe balindele ngisho namadlelan­dawonye abo emkhankasw­eni wangoLwesi­hlanu.

“Ukunyuka njalo kukaphethr­oli neVAT kushaya kakhulu thina basebenzi, yingakho sithi asisukume,” kusho uMkhize.

Izinhlaka ezahlukene emphakathi­ni sezizwakal­ise ukungenami ngokwenyuk­a njalo kukaphethr­oli osumba eqolo.

I-ANC izwakalise ukukhathaz­eka ngokunyuka kwezidingo ikakhulu uphethroli nokudla.

UMnuz Mdumiseni Ntuli, uNobhala wale nhlangano esifundazw­eni, uthe bazoba yingxenye yalo mkhankaso weCosatu esifundazw­eni.

“Sizothumel­a amalungu esigungu esiphezulu ukuthi abe yingxenye yalo mkhankaso wokulwisan­a nokunyuka kwezidingo. Noma sazi ukuthi ziningi izinto eziwumthel­ela wokuthi kunyuke izidingo kodwa lokhu kubeka umthwalo emahlombe abasebenzi nabantu abahluphek­ayo,” kusho uNtuli.

Unxuse uhulumeni ukuthi ubheke izindlela ongenza ngayo imizamo yokwehlisa isimo ukuze kuvikelwe abantu abantulayo.

 ??  ?? UNOBHALA weCosatu KwaZulu-Natal uMnuz Edwin Mkhize osabisa ngokuthi bazoqinisa umkhankaso wabo wokulwa nokwenyuka njalo kukaphethr­oli
UNOBHALA weCosatu KwaZulu-Natal uMnuz Edwin Mkhize osabisa ngokuthi bazoqinisa umkhankaso wabo wokulwa nokwenyuka njalo kukaphethr­oli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa