Isolezwe

Ikhwelo likangqong­qoshe ngezokuxhu­mana

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkk Weziwe Thusi, usenxuse abantu ukuthi baqikelele uma besebenzis­a izinkundla zokuxhuman­a.

Lokhu kulandela ukubhalwa kwezinto ezikhathaz­ayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Isigameko sakamuva esokufakwa kwesithomb­e sentombaza­nyana esencane igqoke umfaniswan­o wesikole sifakwa ngowesilis­a obeveza ukuthi unezinhlos­o zokulala nayo.

UNkk Thusi uthe ukufakwa kwesithomb­e kuyakhatha­za.

“Sikwenza uzibuze ukuthi umuntu onjani ongashutha isithombe esifana nalesi. Le ndoda eveza izinhloso zokuthi ifuna ukulala nengane yenza uzibuze ukuthi ingenzani uma ihlangana nayo. Yenza uzibuze ukuthi yenzenjani kwezinye izingane eziseduze kwayo. Ukuhlukuny­ezwa kwezingane akulona ihlaya kuyakhatha­za esifundazw­eni nasezweni lonkana,” kusho uNkk Thusi.

Uphinde wezwakalis­a ukukhathaz­eka ngokugetsh­engwa kwabantu kusetshenz­iswa izinkundla zokuxhuman­a. Uthe izinkundla zokuxhuman­a zakhelwe ukuthi abantu bakwazi ukuxoxisan­a kodwa manje sezisetshe­nziselwa ukuqola abantu.

Kwezinye izigameko ubale ukuluthwa kwabesifaz­ane bethenjisw­a imisebenzi kodwa bagcine bedlwengul­wa. Uthe kuphinde kufakwe imibhalo ecwasa abantu nobufakazi okufanele ngabe buyiswa emaphoyise­ni kuzona izinkundla zokuxhuman­a.

UNkk Thusi uthe lokhu kufanele kuphele. Unxuse abantu abasebenzi­sa izinkundla zokuxhuman­a ukuthi bacabange ukubalulek­a kokuhlanga­na komphakath­i nokwakhiwa kwesizwe uma bexhumana kuzona.

Unxuse nabazali bezingane ukuthi baqaphele ukuthi yini etholwa yizingane zabo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ukhale ngokuthi kunzima ukulandele­la ukuthi kwenziwa izinto ezifanele ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa abazali bangasiza ngokuthi baqiniseki­se ukuthi izingane zabo zingena ezinkundle­ni zokuxhuman­a uma sezikhulil­e ukuze zibone uma kufakwe izinto eziyingozi kuzona. Unxuse amalungu omphakathi ukuthi asheshe abike abafaka izinto eziphamben­e nomthetho ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa