Ikhwelo likangqongqoshe ngezokuxhumana
UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Weziwe Thusi, usenxuse abantu ukuthi baqikelele uma besebenzisa izinkundla zokuxhumana.
Lokhu kulandela ukubhalwa kwezinto ezikhathazayo ezinkundleni zokuxhumana. Isigameko sakamuva esokufakwa kwesithombe sentombazanyana esencane igqoke umfaniswano wesikole sifakwa ngowesilisa obeveza ukuthi unezinhloso zokulala nayo.
UNkk Thusi uthe ukufakwa kwesithombe kuyakhathaza.
“Sikwenza uzibuze ukuthi umuntu onjani ongashutha isithombe esifana nalesi. Le ndoda eveza izinhloso zokuthi ifuna ukulala nengane yenza uzibuze ukuthi ingenzani uma ihlangana nayo. Yenza uzibuze ukuthi yenzenjani kwezinye izingane eziseduze kwayo. Ukuhlukunyezwa kwezingane akulona ihlaya kuyakhathaza esifundazweni nasezweni lonkana,” kusho uNkk Thusi.
Uphinde wezwakalisa ukukhathazeka ngokugetshengwa kwabantu kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana. Uthe izinkundla zokuxhumana zakhelwe ukuthi abantu bakwazi ukuxoxisana kodwa manje sezisetshenziselwa ukuqola abantu.
Kwezinye izigameko ubale ukuluthwa kwabesifazane bethenjiswa imisebenzi kodwa bagcine bedlwengulwa. Uthe kuphinde kufakwe imibhalo ecwasa abantu nobufakazi okufanele ngabe buyiswa emaphoyiseni kuzona izinkundla zokuxhumana.
UNkk Thusi uthe lokhu kufanele kuphele. Unxuse abantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuthi bacabange ukubaluleka kokuhlangana komphakathi nokwakhiwa kwesizwe uma bexhumana kuzona.
Unxuse nabazali bezingane ukuthi baqaphele ukuthi yini etholwa yizingane zabo ezinkundleni zokuxhumana.
Ukhale ngokuthi kunzima ukulandelela ukuthi kwenziwa izinto ezifanele ezinkundleni zokuxhumana kodwa abazali bangasiza ngokuthi baqinisekise ukuthi izingane zabo zingena ezinkundleni zokuxhumana uma sezikhulile ukuze zibone uma kufakwe izinto eziyingozi kuzona. Unxuse amalungu omphakathi ukuthi asheshe abike abafaka izinto eziphambene nomthetho ezinkundleni zokuxhumana.