I-IFP ifuna incazelo ngobulawe ukudla
I-IFP ifuna uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo esifundazweni aphenye kabanzi ngenkampani ebiphekela abafundi abebesekhempini e-Adams College, omunye wabo okusolwa ukuthi ubulewe ukudla okunoshevu ngesonto eledlule.
UNkk Thembeni MadlophaMthethwa okhulumela i-IFP ophikweni lwezemfundo, utshele Isolezwe ukuthi ngoLwesibili babhalele umnyango befuna izimpendulo ngokushona kukaMxolisi Mzulwini.
UMxolisi (20) obefunda eMasakhane High eMbumbulu, ushone ngoLwesithathu olwedlule emuva kokukhala ngesisu nokushisa esifubeni.
Kuthiwa wabuya ikhempu ingakapheli ngenxa yokugula.
UNkk Madlopha-Mthethwa uthe kumele uMnuz Mthandeni Dlungwane aqoke ithimba elizimele elizophenya njengoba bebaningi nabanye abafundi okuthiwa baguliswe ukudla.
I-IFP ifuna ukwazi ukuthi iyiphi inkampani ebiqashelwe ukuphekela abafundi nokuthi yayinakho yini okudingeka uma uzophekela abafundi.
“Sifuna ukwazi ukuthi yiziphi izinhlelo ezizokwenza ukuthi kuhlolwe zonke izinkampani eziphekela abafundi uma kunamakhempu.
“Ingabe umnyango uzothatha ziphi izinyathelo uma inkampani ebipheka itholakala inecala?
“Sifuna nokwazi ukuthi yimiphi imigudu elandelwayo uma kukhethwa inkampani ezophekela abafundi,” kuchaza uNkk Madlopha-Mthethwa.
Uthe bakhathazekile ukuthi ezinye izinkampani zisuke zifuna imali kuphela kodwa zihluleke ukupheka ukudla okulungele abafundi.
UMnuz Phikinkani Mzulwini onguyisemkhulu kamufi uthe bebezimisele ukungcwaba ngoMgqibelo kodwa basalinde umphumela wokuhlolwa kwesidumbu.
Uthe bathemba ukuthi umphumela uzocacisa nokuthi ubulelwe yini uMxolisi.
“Bathe asilinde bona bazosishayela ucingo uma sekukhona umphumela.
“Okwamanje asinaso ngisho isitifiketi sokufa, kunzima nokwena izinhlelo zomngcwabo,” kusho yena.
UMzulwini uthe okwenza basole ukuthi umzukulu wakhe uguliswe ukudla, ukuthi wahamba engenalutho ekhaya.
Uthe wabashayela ucingo esesekhempini ekhala ngesisu nesifuba.
Uveze ukuthi bamtshela ukuthi akabuye, waya emtholampilo washonela ekhaya ebusuku ngoLwesithathu.
Isolezwe lithole ngothisha ocele ukungadalulwa othe baningi nabanye abazali ababike ukugula ezinganeni.
Uthe uthishanhloko usenkingeni ngoba abazali babuza kuyena, ekubeni ubengeyona ingxenye yohlelo lwekhempu yabafundi.
Okhulumela uMnyango uMnuz Sihle Mlotshwa uthe ngeke baphawule ngamahlebezi kodwa bazolinda umbiko wesekethe ngokwenzekile.