Isolezwe

Kuxwayiswe othishanhl­oko ukuba bangebi imali yesikole

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezeMfundo KwaZuluNat­al usuxwayise othishanhl­oko ukuthi bangathath­i ngozwane emalini yesikole ngoba bayabanjwa.

Umbiko womnyango othulwe ekomitini elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakath­i eMgungundl­ovu uveze ukuthi kunamacala ahlukene abhekene nothishanh­loko abadle imali yesikole.

Omunye wabo kuthiwa wazithumel­ela imali yesikole enguR120 000 wathatha le mali wagibelisa umndeni wakhe ibhanoyi bayongcebe­leka eKapa.

Omunye wakhokhela impahla kodwa akukho ubufakazi obuvelayo babantu abakhokhel­we.

Imali eyakhishwa kwi-akhawunti yesikole nguR295 000.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela umnyango uthe noma becabanga ukuthi bahlakanip­he kangakanan­i kodwa bayakwazi ukubabamba labo abakhwaban­isela umnyango imali yezikole.

Uthe kunezindle­la abaziseben­zisayo bese bekuvulela necala uma usubanjiwe uboshwe.

“Sihlaba ikhwelo lokuthi abasaqhube­ka nokuntshon­tsha imali yesikole abakuyeke lokhu ngoba sibhekana nabo.

“UNgqongqos­he Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyano uDkt Enock Nzama abayifuni nalapho ihambe khona inkohlakal­o,” kusho uMthethwa.

Unxuse umphakathi ukuthi ubeseke uma usubeka amacala uphinde ushushisa abenza inkohlakal­o.

“Sifuna kube nokusebenz­isana ngoba sisuke singalwi nabo kodwa sisuke silwa nenkohlaka­lo.

“Noma kungathiwa unasiphi isikhundla emnyangwen­i kodwa uma wenza inkohlakal­o siyabhekan­a nawe,” kusho uMthethwa.

Uthe nezigungu zabazali kumele zibike uma kukhona into ezingayibo­ni kahle emabhukwin­i ezikoleni.

Ngokwalo mbiko othulwe nguNksz Ntokozo Maphumulo, ongumqondi­si wezomtheth­o emnyangwen­i, uveze ukuthi cishe abalelwa ku-20 amacala aphenywa ngumnyango mayelana nokudliwa kwezimali zesikole.

Imali edliwe ibalelwa ngaphezulu kukaR1 million kanti abanye babo kuvela ukuthi sebeqalile ukuyibuyis­a.

Omunye wothishanh­loko osashona kuthiwa wakhwabani­sa uR65 000 wesikole kanti noma eseshonile imali ayikhwaban­isa izothathwa ezintweni zakhe anazo njengoba kuzolandel­wa umgudu womthetho.

Amacala amaningi asembikwen­i athinta imali eyakhishwa kwakhokhel­wa abantu abenza imisebenzi kodwa kwangaba nobufakazi balokhu amanye awekho amaphepha anemininin­gwane aveza imisebenzi abayenza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa