Kuxwayiswe othishanhloko ukuba bangebi imali yesikole
UMNYANGO wezeMfundo KwaZuluNatal usuxwayise othishanhloko ukuthi bangathathi ngozwane emalini yesikole ngoba bayabanjwa.
Umbiko womnyango othulwe ekomitini elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi eMgungundlovu uveze ukuthi kunamacala ahlukene abhekene nothishanhloko abadle imali yesikole.
Omunye wabo kuthiwa wazithumelela imali yesikole enguR120 000 wathatha le mali wagibelisa umndeni wakhe ibhanoyi bayongcebeleka eKapa.
Omunye wakhokhela impahla kodwa akukho ubufakazi obuvelayo babantu abakhokhelwe.
Imali eyakhishwa kwi-akhawunti yesikole nguR295 000.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela umnyango uthe noma becabanga ukuthi bahlakaniphe kangakanani kodwa bayakwazi ukubabamba labo abakhwabanisela umnyango imali yezikole.
Uthe kunezindlela abazisebenzisayo bese bekuvulela necala uma usubanjiwe uboshwe.
“Sihlaba ikhwelo lokuthi abasaqhubeka nokuntshontsha imali yesikole abakuyeke lokhu ngoba sibhekana nabo.
“UNgqongqoshe Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyano uDkt Enock Nzama abayifuni nalapho ihambe khona inkohlakalo,” kusho uMthethwa.
Unxuse umphakathi ukuthi ubeseke uma usubeka amacala uphinde ushushisa abenza inkohlakalo.
“Sifuna kube nokusebenzisana ngoba sisuke singalwi nabo kodwa sisuke silwa nenkohlakalo.
“Noma kungathiwa unasiphi isikhundla emnyangweni kodwa uma wenza inkohlakalo siyabhekana nawe,” kusho uMthethwa.
Uthe nezigungu zabazali kumele zibike uma kukhona into ezingayiboni kahle emabhukwini ezikoleni.
Ngokwalo mbiko othulwe nguNksz Ntokozo Maphumulo, ongumqondisi wezomthetho emnyangweni, uveze ukuthi cishe abalelwa ku-20 amacala aphenywa ngumnyango mayelana nokudliwa kwezimali zesikole.
Imali edliwe ibalelwa ngaphezulu kukaR1 million kanti abanye babo kuvela ukuthi sebeqalile ukuyibuyisa.
Omunye wothishanhloko osashona kuthiwa wakhwabanisa uR65 000 wesikole kanti noma eseshonile imali ayikhwabanisa izothathwa ezintweni zakhe anazo njengoba kuzolandelwa umgudu womthetho.
Amacala amaningi asembikweni athinta imali eyakhishwa kwakhokhelwa abantu abenza imisebenzi kodwa kwangaba nobufakazi balokhu amanye awekho amaphepha anemininingwane aveza imisebenzi abayenza.