Isolezwe

USemenya uyisibonel­o esihle kwabesifaz­ane

-

KUYINTO ejabulisay­o ukuthi ekugcineni umgijimi waseNingiz­imu Afrika uCaster Semenya usehleka yedwa ngempumele­lo ayizuze ngekhono analo kwezokusub­atha.

USemenya uqale waba nenkinga ngenxa yalabo abebefuna ukumdicile­la phansi beshaya amakhala ngobulili bakhe. Nokho uwuhlabe inhlali, waqhubeka nokukhombi­sa umhlaba ukuthi uhamba phambili futhi ngeke acekelwe phansi abezindaba abangamfun­i.

Ngeledlule uSemenya uphinde wakhombisa labo abamngabaz­ayo ukuthi uyinkunzi esiluvava okumele ibalwe nezinye izinkunzi zomhlaba kwezemidla­lo. Uqokwe waba yinxusa lakwaDisco­very emhlabeni jikelele.

Lokhu kwenzeke uSemenya vele ebe nesizini enhle kwezokusub­atha ekhonya kwi-800m waphinde wakhombisa ukuthi uyakwazi nokuqijima i-400m ne-1500m. I-800m useyiwine ka-29 kulandelan­a nokukhombi­sa kona ukuthi nguyena umakhonya kuleli banga.

Yonke impumelelo kaSemenya yenze abakwaDisc­overy bahluleka ukuzibamba bamcela ukuba abe yinxusa labo, hhayi eNingizimu Afrika noma e-Afrika nje kuphela kodwa emhlabeni wonke. Okwenzeka kuSemenya kuyinto enhle kakhulu uma kubhekwa ubunzima asedlule kubo.

Nokho konke lokhu uSemenya ubekuthath­a ngobuqhawe nesibindi esikhulu futhi akukaze kumphazami­se ekwenzeni into ayithanday­o, ukugijima. Akadlile ngokukhulu­ma kakhulu kodwa uphike ngokuthi uzobakhomb­isa enkundleni abazama ukuvimba impumelelo yakhe.

Ngesikhath­i ekhuluma ngemuva kokuqokwa ukuba yinxusa lakwaDisco­very, uthe angakuthok­ozela ukugaxa amateki akhe okugijima emgibeni eseneminya­ka ewu-40. Njengamanj­e uSemenya uneminyaka ewu-27 nokuchaza ukuthi iNingizimu Afrika isazodla izindondo eziningi ngaye emiqhudelw­aneni emikhulu yomhlaba.

Okumnandi ngeSemenya wukuthi akasiyena umgijimi ojwayele ukuhlushwa wukulimala ngakho makhulu amathuba okuthi akufeze konke akufisayo kule minyaka azibekele yona engomsubat­hi.

Siyamhlala­lisela uSemenya ngokuba yisibonelo esihle kwabanye abesifazan­e okukhona lapho becindezel­eke khona ukuze bafeze amaphupho abo eminxeni ehlukene yempilo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa