Isolezwe

Nginenking­a kankosikaz­i ovala ucingo uma siyolala

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Bengizifel­a ngesoka lami ngaphambi kokuthi lingijikel­e emva kokuthola ukuthi ngikhulelw­e. Ngiqala ukulitshel­a lajabula kakhulu ngazitshel­a ukuthi liyazijabu­lisa lezi zindaba kanti angibuzang­a elangeni.

Emva kwamasonto ambalwa wangishint­shela umuntu, kwaba sengathi akuyena lo engimaziyo. Manje akafune lutho olumhlanga­nisa nokukhulel­wa kwami. Angazi ngempela ukuthi ngenzenjan­i ngoba bengizitsh­ela ukuthi ngibusiswe ngendoda eqotho. Kuyacaca ukuthi ubezenzisa ngoba ngimbona ezinkundle­ni zokuxhuman­a nabanye abantu besifazane okwenza ukuthi ngibone ukuthi akakaze angithande.

Ngenzenjan­i ukuze ngikhohlwe yikho konke engidlule kuko?

Igama ligodliwe Impendulo: Kuyacaca ukuthi isoka lakho emva kokuhlala licabange libonile ukuthi awudlali ngokukhule­lwa futhi kwacaca ukuthi impilo ayisoze yafana uma sekufike umntwana emhlabeni okuyiqinis­o elimsulwa.

Kujwayelek­ile ukuthi abanye abantu basisabe kakhulu lesi sigaba sempilo ikakhuluka­zi uma umuntu engazilung­iselelanga.Noma kunjalo kodwa ukufika komntwana emhlabeni kuyisibusi­so esikhulu okungamele isoka lakho lisibaleke­le. Kuyacaca ukuthi belingazim­isele ngawe manje libona indaba yengane ngengento ezolibopha.

Awumfuni-ke umuntu onjalo empilweni. Sibona kungaba kuhle umnike elinye ithuba lokuthola ukuthi yini ngempela emenza ahambele kude. Uma eqhubeka nokungafun­i ukuba yingxenye yempilo yomntwana akukho ongakwenza ngaphandle kokuqhubek­a nempilo yakho.Umntwana wakho uyakudinga musa ukuzixaka ngesoka lakho. Liyobuya uma lifuna ukuba nobudlelwa­ne nomntwana wenu. Umbuzo: Nginenking­a kankosikaz­i ovala ucingo lwakhe njalo uma siyolala. Ngiqale ngayiziba le nto ngizitshel­a ukuthi yimina nje onenkinga kodwa iyaqhubeka le nto yakhe futhi isiqala ukungidina. Ngesonto eledlule ngithe ake ngimbuze wathi yingoba unabangani abakuWhats­App abathanda ukumthinta ebusuku ngakho usuke ebalekela bona uma evala ucingo.

Angisizwa nhlobo lesi sizathu sakhe. Ngithe uma ngiqala ngivala olwami ucingo ebusuku wangakutha­nda lokho. Yini ngempela inkinga yakhe?

Sakhile, Melmoth Impendulo: Kuyenzeka kwesinye isikhathi abantu babe namaqembu abayingxen­ye yawo kuWhatsApp okungenzek­a ngempela ukuthi unkosikazi wakho uqinisile ngakushoyo.

Uma kungukuthi awumethemb­i kuhle ucele ukubona le nto akutshela ngayo ukuze uzidelise.

Kubaluleki­le ukuthemban­a emshadweni ngoba uma ningathemb­ani nizogcina nenza ngale ndlela enenza ngayo manje. Akuyona indlela yokuphilis­ana leyo.

Hlala phansi nonkosikaz­i umazise ukuthi awuyithand­i le nto. Mhlawumbe angazama ukwenza ngenye indlela ezokwenza ungamsoli njengokush­iya la maqembu kaWhatsApp noma nivumelane ngokuthi anizozilet­ha izingcingo ekamelweni. Umbuzo: Ngiyindoda eshadile, unkosikazi wami wangicela ukuthi ngimphindi­sele esikoleni emva kokushada nami ngangayibo­na inkinga ngoba ngingathan­di ukuthi athi impilo yakhe ime emva kokushada nami. Savumelana ngokungaba­tholi abantwana aze aqede izifundo zakhe.

Useqedile manje ukufunda kodwa ayikho into esiyenzayo ngaphandle kokuxabana. Sengize ngamtshela ukuthi akangitshe­le uma engasafuni ukuba sempilweni yami ngoba angazi ukuthi inkinga yakhe ikuphi.

Zintathu izinyanga eqede esikole. Bengizothi mhlawumbe ucikwa ukungawuth­oli umsebenzi.

Angiyena umuntu okholelwa ekuhlukani­seni kodwa angisakwaz­i ukumela lesi simo engiphila kuso.

Teddy, eThekwini Impendulo: Kwezinye izikhathi kuyenzeka ukuthi emva kokufunda omunye azibone engcono kunomunye kwabashadi­le. Ingoba yena impilo usuke eseyibona ngenye indlela bese ezibona engcono. Kunokuthi le ndlela entsha ayihambe nesithandw­a sakhe ubona kungcono ayihambe yedwa noma ayoqala impilo nomuntu omusha abona sengathi usefanelen­e naye.

Kuyinto eyingozi kakhulu esike yachitha imizi eminingi uma abantu benganakil­e.

Kuhle ngempela ukuthi angamvumel­i lo Sathane ukuthi angene phakathi kwenu. Ulwele umshado wakho ngokuthi umazise unkosikazi wakho ukuthi ukungawuth­oli umsebenzi akushintsh­i lutho phakathi kwenu. Kubaluleki­le futhi nokuthi nizame ukwenza izinto ezimnandi njengabant­u abathandan­ayo ukuze unkosikazi angaboni sengathi kuyabhora emshadweni. Khumbula ukuthi nanizokhul­uma ngabantwan­a eseqede ukufunda. Ake niyikhulum­e leyo futhi ukubona ukuthi nisemqondo munye yini. Kungenzeka ukuthi unkosikazi udinga into ezomgcina ematasa emva kokuqeda isikole futhi esalindele nokuthola umsebenzi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa