Isolezwe

Ngihlukume­zekile ngiyofuna usizo emtholampi­lo oseMseleni

-

MHLELI: Ngaya emtholampi­lo waseMselen­i ngiyofuna usizo ngenxa yomlenze osungihlup­he ngobuhlung­u isikhathi eside, ngizofike ngibike nesilungul­ela esasingiph­alazisa igazi iminyaka ngeminyaka. Sengingene kudokotela ngacela amaphilisi eBP noshukela ngenxa yokuthi ayesengiph­elele.

Wabe esengifuna incwadi engedlulis­ela kubo isuka lapho ngiwalanda khona. Ngamchazel­a ukuthi ngenxa yokuhamba ngehla ngenyuka ngenxa yetoho ayisekho indawo eqondile. Wathi yena usebenza ngomthetho uma ingekho incwadi ngeke ngiwathole.

Ngazonela ngokubuza ukuthi njengamanj­e anginawo kanti ngabe umthetho yini lona othi angiphume ngingasiza­kalanga na. Wathi yena ngeke aphikisane nami angiphume kungene omunye. Ngihambile ngayolanda amaphilisi omlenze nesilungul­ela.

Ngakhumbul­a ukuthi angiyicela­nga incwadi eqinisekis­a ukuthi bengifikil­e. Wathi uma evula isicabha wanele wabona mina wangabe esabuza nokuthi ngifunani wathi ngingangen­i kuye angiye komunye udokotela okwelinye igumbi. Ilapho engiqale khona ngafuna umuntu ongangisiz­a. Unogada wangiyalel­a ihhovisi likaVusi, yena wangidluli­sa kuMatron, yena wangibuza ukuthi yini ngifika ngabo-4 ntambama emtholampi­lo. Ngamtshela ukuthi ngifike ngabo-9 ekuseni. Naye uthe ngeke banginike amaphilisi uma ngingawaph­ethe amakhontey­ina awo. Ngifisa ukwazi ukuthi ngabe iyona ndlela yini le yokuphatha iziguli? Uma ungqongqos­he engangisiz­i ngizodlule­la kulaba ababhalisa abahlengik­azi noma eMkhandlwi­ni wamaLungel­o aBantu. Okhathazek­ile ENSELENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa