Ngihlukumezekile ngiyofuna usizo emtholampilo oseMseleni
MHLELI: Ngaya emtholampilo waseMseleni ngiyofuna usizo ngenxa yomlenze osungihluphe ngobuhlungu isikhathi eside, ngizofike ngibike nesilungulela esasingiphalazisa igazi iminyaka ngeminyaka. Sengingene kudokotela ngacela amaphilisi eBP noshukela ngenxa yokuthi ayesengiphelele.
Wabe esengifuna incwadi engedlulisela kubo isuka lapho ngiwalanda khona. Ngamchazela ukuthi ngenxa yokuhamba ngehla ngenyuka ngenxa yetoho ayisekho indawo eqondile. Wathi yena usebenza ngomthetho uma ingekho incwadi ngeke ngiwathole.
Ngazonela ngokubuza ukuthi njengamanje anginawo kanti ngabe umthetho yini lona othi angiphume ngingasizakalanga na. Wathi yena ngeke aphikisane nami angiphume kungene omunye. Ngihambile ngayolanda amaphilisi omlenze nesilungulela.
Ngakhumbula ukuthi angiyicelanga incwadi eqinisekisa ukuthi bengifikile. Wathi uma evula isicabha wanele wabona mina wangabe esabuza nokuthi ngifunani wathi ngingangeni kuye angiye komunye udokotela okwelinye igumbi. Ilapho engiqale khona ngafuna umuntu ongangisiza. Unogada wangiyalela ihhovisi likaVusi, yena wangidlulisa kuMatron, yena wangibuza ukuthi yini ngifika ngabo-4 ntambama emtholampilo. Ngamtshela ukuthi ngifike ngabo-9 ekuseni. Naye uthe ngeke banginike amaphilisi uma ngingawaphethe amakhonteyina awo. Ngifisa ukwazi ukuthi ngabe iyona ndlela yini le yokuphatha iziguli? Uma ungqongqoshe engangisizi ngizodlulela kulaba ababhalisa abahlengikazi noma eMkhandlwini wamaLungelo aBantu. Okhathazekile ENSELENI