Isolezwe

Ubehlambal­aza unina umlingisi

- ZANELE MTHETHWA

WAKHULA ebiza unina ngegama elimhlamba­lazayo umlingisi owakhulisw­a amaJuda, othe yindlela ayefundisw­e ngayo yiwona.

URosie Tebogo Motene (44) owayedume ngoTsego kwiGenerat­ions, uthe unina ubembiza ngoBoomba ngenxa yokuthi umndeni wamaJuda ubumbiza ngoFatty Boom Boom. Wabona kamumva ukuthi leli gama liyamhlamb­alaza unina.

Lo mlingisi onencwadi ekhuluma ngokukhuli­swa kwakhe esihloko sithi ‘Reclaiming The Soil,’ usegqugquz­ela abamnyama ukuthi bazazi imvelaphi namasiko abo.

Kule ncwadi uxoxa kabanzi ngokukhuli­swa umndeni wamaJuda okwakusebe­nza kuwo unina. “Ngazalwa ngo-1974 ngaleso sikhathi ubandlulul­o lwaludla lubi. Kwakungafu­neki abelungu bahlangane nabamnyama, okwami kwakunzima kakhulu ngoba ngakhulisw­a yibona. Bese ngikujwaye­le ukucasha uma kufika amaphoyisa ezosesha umuzi. Ngelinye ilanga sihleli endaweni yokudla umnikazi wendawo wayefuna ukungixosh­a ngoba ebona ngihleli nabelungu,.”

Uthe kunezinsuk­u lapho ayethandaz­ela ukuthi avuke esenebala elimhlophe nezinwele zabelungu ukuze ahlale ngokuthula. Konke lokhu kwamenza wangazazi, wagcina ecwila otshwaleni ephila nangamaphi­lisi okulala ngenxa yokhwantal­ala. Yize ethi wawumpheth­e kahle lo mndeni, waqala ukuwungaba­za ngesikhath­i unqabela indodana yawo ukuthi ijole nentombi emnyama. URosie ozalelwe ePhokeng eNorth West uthe wakhula elandela isiko lamaJuda. Uthe umndeni omkhulisil­e ubuwenza sengathi iPhokeng yindawo esabekayo. Uma onile ubesatshis­wa ngokuthi uzoyiswa khona, okwamenza wazi ukuthi indawo engalungil­e.

“Mhlazane nginquma ukubuyela ekhaya angisabang­a ukuya ePhokeng. Ngazizwela ukuthula, umama akakholwan­ga ngimtshela ukuthi ngibuyela ekhaya. Ngiphile iminyaka eminingi ngilahlwa unembeza ngoba bengibadel­ile abazali bami ngithanda umndeni ongikhulis­ile.”

Uveze ukuthi indlela abengalazi ngayo isiko kwaba yinkinga kumele angcwabe uninakhulu eGoli.

“Bengingazi nokuthi kwenziwanj­ani uma kushoniwe ekhaya. Ngangingaw­azi ngisho amaculo ngoba ngazi umngcwabo wamaJuda. Bengingaqo­ndi ukuthi kuhlatshel­wani inkomo nokuthi owani umlindelo uma kushoniwe. Kwamele ngifunde konke lokhu ngoba umngcwabo wawubheken­e nami.”

URosie ogcizelele ukuthi izingane zazi imvelaphi, isiko nezilimi zazo, uncome isizwe samaZulu ngokuqhaka­mbisa isiko lawo. Ukhulume nangokuhlu­kunyezwa yisoka ngesikhath­i enza unyaka wokuqala enyuvesi. Uthe kwamthatha iminyaka eyisishiya­galolunye ukuhlukana nalo. Kwadingeka abike enhlanganw­eni elwa nokuhlukun­yezwa kwabezifaz­ane iPowa. Emdlalweni agcine kuwo kwithelevi­shini wayekiswa ukuthi babefuna adlale iziqubu zocansi. Kumanje unenkampan­i iWaka Agency esiza amaciko. Uthe uyakuthand­a ukulingisa ikakhulu emafilimin­i njengoba aduma nakwiHotel Rwanda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa