Ubehlambalaza unina umlingisi
WAKHULA ebiza unina ngegama elimhlambalazayo umlingisi owakhuliswa amaJuda, othe yindlela ayefundiswe ngayo yiwona.
URosie Tebogo Motene (44) owayedume ngoTsego kwiGenerations, uthe unina ubembiza ngoBoomba ngenxa yokuthi umndeni wamaJuda ubumbiza ngoFatty Boom Boom. Wabona kamumva ukuthi leli gama liyamhlambalaza unina.
Lo mlingisi onencwadi ekhuluma ngokukhuliswa kwakhe esihloko sithi ‘Reclaiming The Soil,’ usegqugquzela abamnyama ukuthi bazazi imvelaphi namasiko abo.
Kule ncwadi uxoxa kabanzi ngokukhuliswa umndeni wamaJuda okwakusebenza kuwo unina. “Ngazalwa ngo-1974 ngaleso sikhathi ubandlululo lwaludla lubi. Kwakungafuneki abelungu bahlangane nabamnyama, okwami kwakunzima kakhulu ngoba ngakhuliswa yibona. Bese ngikujwayele ukucasha uma kufika amaphoyisa ezosesha umuzi. Ngelinye ilanga sihleli endaweni yokudla umnikazi wendawo wayefuna ukungixosha ngoba ebona ngihleli nabelungu,.”
Uthe kunezinsuku lapho ayethandazela ukuthi avuke esenebala elimhlophe nezinwele zabelungu ukuze ahlale ngokuthula. Konke lokhu kwamenza wangazazi, wagcina ecwila otshwaleni ephila nangamaphilisi okulala ngenxa yokhwantalala. Yize ethi wawumphethe kahle lo mndeni, waqala ukuwungabaza ngesikhathi unqabela indodana yawo ukuthi ijole nentombi emnyama. URosie ozalelwe ePhokeng eNorth West uthe wakhula elandela isiko lamaJuda. Uthe umndeni omkhulisile ubuwenza sengathi iPhokeng yindawo esabekayo. Uma onile ubesatshiswa ngokuthi uzoyiswa khona, okwamenza wazi ukuthi indawo engalungile.
“Mhlazane nginquma ukubuyela ekhaya angisabanga ukuya ePhokeng. Ngazizwela ukuthula, umama akakholwanga ngimtshela ukuthi ngibuyela ekhaya. Ngiphile iminyaka eminingi ngilahlwa unembeza ngoba bengibadelile abazali bami ngithanda umndeni ongikhulisile.”
Uveze ukuthi indlela abengalazi ngayo isiko kwaba yinkinga kumele angcwabe uninakhulu eGoli.
“Bengingazi nokuthi kwenziwanjani uma kushoniwe ekhaya. Ngangingawazi ngisho amaculo ngoba ngazi umngcwabo wamaJuda. Bengingaqondi ukuthi kuhlatshelwani inkomo nokuthi owani umlindelo uma kushoniwe. Kwamele ngifunde konke lokhu ngoba umngcwabo wawubhekene nami.”
URosie ogcizelele ukuthi izingane zazi imvelaphi, isiko nezilimi zazo, uncome isizwe samaZulu ngokuqhakambisa isiko lawo. Ukhulume nangokuhlukunyezwa yisoka ngesikhathi enza unyaka wokuqala enyuvesi. Uthe kwamthatha iminyaka eyisishiyagalolunye ukuhlukana nalo. Kwadingeka abike enhlanganweni elwa nokuhlukunyezwa kwabezifazane iPowa. Emdlalweni agcine kuwo kwithelevishini wayekiswa ukuthi babefuna adlale iziqubu zocansi. Kumanje unenkampani iWaka Agency esiza amaciko. Uthe uyakuthanda ukulingisa ikakhulu emafilimini njengoba aduma nakwiHotel Rwanda.