Isolezwe

Kuningi okudala umdlavuza webele – ungoti

- PHILI MJOLI

UKUPOTOPOT­OZA ibele uzihlole ukuthi awunawo yini umdlavuza webele akuyona kuphela indlela engaphephi­sa abesifazan­e ekuhlaselw­eni yilesi sifo.

Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi ukuphuza utshwala, ukukhuluph­ala ngokweqile nokungawun­yakazisi umzimba kwandisa amathuba okuthi abesifazan­e bahlaselwe yilesi sifo.

Umqingo wezempilo iWall Street oshicilelw­e kuleli sonto uveza ukuthi omunye umsuka omkhulu womdlavuza webele onganakiwe ukuphuza utshwala, ukukhuluph­ala ngokweqile kanye nokunyakaz­isa umzimba.

Ungoti ohlinza abanomdlav­uza webele, uDkt Melissa Pilewskie ucashunwe kulo mqiqngo ethi izindlela ezisetshen­ziswayo njengamanj­e zokuhlola ukuthi abesifazan­e abanaso yini lesi sifo zikha phezulu.

“Akumele kusetshenz­iswe indlela eyodwa ukuhlonza ukuthi umuntu ngabe unawo yini umdlavuza webele, kungabhekw­a ukuthi uyini umsuka.”

Lolu cwaningo oluveza lokhu iPink drive okuyisikhu­ngo esiqwashis­a, siphinde sifundise ngomdlavuz­a webele kuleli, siveza ukuthi empeleni sekunesikh­athi kuvele ukuthi ukuphuzwa kotshwala kunomthele­la ekutheni ababuphuza­yo bahlaselwe umdlavuza.

Bathi isikhungo socwaningo i-Internatio­nal Agency for Research on Cancer ocwaningwe­ni lwaso eyalwenza ngo-1981, luveza ukuthi isithako esitholaka­la otshwaleni i-ethanol emzimbeni iphenduka ushevu, i-acataldenh­yde ekhubaza umzimba ekutheni ucubuze ezinye izinto ezingading­eki.

Uma zingasacub­uzeki zingena emzibeni njengezakh­amzimba ezifike zakhe ama-cell omdlavuza.

Ziningi izinhlobo zomdlavuza eziyamanis­wa nokuphuzwa kotshwala, kuzo kubalwa umdlavuza womlomo,owomphimbo, owesibindi, owebele neminye.

Inhlangano yomdlavuza kuleli iCancer Associatio­n of South Africa ithi yize likhona izinga elibekiwe lokuthi umuntu kumele aphuze utshwala obungakana­ni ngesikhath­i kodwa lokhu akumsindis­i ekuhlaselw­eni umdlavuza.

UNkk Janice Benecke wePink Drive eThekwini uthe lokhu akusho ukuthi umdlavuza ungadalwa utshwala kuphela kodwa kodwa kumele bube ngezinye zezinto eziqashelw­ayo.

Uthe uma umuntu esheshe wasukuma lesi sifo siyelaphek­a.

Omunye wabantu umdlavuza wabo owelapheka uLilian Dube ongumlingi­si. Wahlinzwa ibele okuyingxen­ye yokuvikela ukuthi lesi sifo singasabal­ali emzimbeni ngo-2008.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa