Isolezwe

Uqede iminjunju ngokubhala incwadi

- ZANELE MTHETHWA

abashayeli basebenza kanjani,” kusho yena.

Uqhube wathi uthe esejwayele kwaba nezinkinga kusoseshin­i.

Uthe wehluleka ukubhekana nazo wakhetha ukuwadayis­a amatekisi ngo-2013, wabuyela emsebenzin­i wakhe wokuba uthisha ngo-2014.

“Ngashiya amatekisi amabili kuphela ayengisiza ukuthi ngikwazi ukondla izingane, ngangingas­enalo uthando lwaleli bhizinisi. Ngizibona sengathi ngisemkhak­heni onezinsele­lo engingakwa­zi ukuzimela,” kusho yena.

Wafundisa imiyaka emibili ngo2016 wabuyela ematekisin­i. Uthe ngesikhath­i ebuya wayesecaba­nga ukuthi usezothath­a umhlalapha­nsi engafuni ukuhlala ekhaya.

“Ngacabanga amabhizini­si amaningi ngagcina ngifikelwe ukuthi kungani ngingabuye­li ematekisin­i ngoba senginalo ulwazi. Okunye okwakungik­huthaza ukuthi abanye abanikazi bamatekisi babengitsh­ela ukuthi amatekisi awafani nobuthisha okuthi uma eseshonile kube kuphelile, akekho omunye ongasebenz­isa iziqu zakhe. Ematekisin­i isitifiket­i siyadlulis­eleka esizukulwa­neni,” kusho yena.

Ngenhlanhl­a uthi ubuyele sekunoshin­tsho oluningi ematekisin­i.

Uthe bese kunezinhle­lo eziningi zokuqeqesh­wa kosomateki­si kanye nabashayel­i ngaleli bhizinisi.

Uthe ukhethwe ukuthi abe ngunobhala walo soseshini nyakenye. Ngawo futhi lo nyaka uthe uqokwe ukuthi abe ngunobhala weSantaco, emkhandlwi­ni wamatekisi aseNyankat­ho yeTheku iGreater North Region.

“Ukuba unobhala isikhundla esibalulek­ile kusoseshin­i, uwomgogodl­a. Uhlale uyingxenye yezinqumo ezithathwa yisigungu esiphezulu salowo soseshini. Njengamanj­e kowethu usoseshini sathatha isinquno sokuthi sikhokhe imali ethile ngenyanga yamathayi. Uma imoto idinga ithayi kuyiwa ehhovisi lifakwe lokho kwenza ukuthi kusetshenz­iswe amathayi aphephile kudaleke namathuba emisebenzi eyengeziwe. Uma kunemiyale­zo okumele ikhishwe usoseshini unobhala nguye okumele ayibhale. Kuyo yonke imihlangan­o ebalulekil­e kumele abe khona,” kusho yena.

Njengoba ekwiSANTAC­O uthe akagcini ngokubhala­na nososeshin­i wakhe kodwa uba yingxenye yokuthathw­a kwezinqumo ngamatekis­i ahambela enyakatho eyeTheku.

Uthe osomatekis­i besifazane bakhona kodwa bayidlanza­na abakwazi ukufinyele­la esigabeni akusona.

“Ziningi izizathu zalokhu abanye basemanqik­anqika ukungena bathi shi ngenxa yokuthi le mboni inamadoda amaningi. Kwesinye isikhathi nawo amadoda asangabaza ukufaka abesifazan­e ezikhundle­ni ngoba ebona sengathi ngeke bakwazi ukumelana nomsebenzi onzima,” kusho yena. UZWE kusuka umthwalo emuva kokugonyul­uka ngobunzima abhekane nabo empilweni owesifazan­e odume ngokwenza imicimbi eThekwini.

UNksz Thembi “Shilex” Shange ugonyuluke encwadini asanda kuyikhipha ethi A Star Can Never Shine Without Darkness.

Kule ncwadi uphumela obala okokuqala ngobudlelw­ane bakhe nosopoliti­ki waseMgungu­ndlovu owadutshul­wa ngentululw­ane yezinhlamv­u. UNksz Shange uthe usopolitik­i owayesatsh­wa esifundazw­eni sonke wamlobola eneminyaka engu-21.

Uthe yize ayemdala kuyena ngeminyaka engu-21 kodwa wajabulela ukuthi akakaze amhlukumez­e futhi wamfundisa ukuba ngowesifaz­ane ozimele. Okwenza wasala nesilonda ngesikhath­i ebulawa wukuthi akalithola­nga ithuba lokuyomngc­waba.

“Ngike ngaphathwa wukhwantal­ala isikhathi eside ngenxa yokuthi bengifihle ubuhlungu enhliziywe­ni. Ziningi izinto ezinzima engidlule kuzona ebezenza ngivalele ubuhlungu ngaphakath­i. Ngabona ukuthi indlela ezongisiza wukuthi ngikhulume ngobuhlung­u bami ngoba bese ngizame konke kodwa ukhwantala­la lungapheli. Ngizwe sengathi kukhona itshe elisukayo emahlombe ami emuva kokubhala incwadi,” kusho uNksz Shange.

Uthe ngeke agcine ngencwadi kodwa izinhlelo zakhe wukuthi ahambele nezikole akhuthaze intsha ngokuthi iziphathe kahle ifunde nokuzimela. Uveze nokuthi uwutshelil­e ngencwadi umndeni walo sopolitiki axoxa ngaye futhi wangaba nankinga. Okunye akhuluma ngakho encwadini ukukhula kanzima uyise obengumpha­thi esibhedlel­a engamondli.

“Ubaba ubenakho konke kodwa engangidin­gi empilweni yakhe. Akazange angondle waze washona. Kwesinye isikhathi ngangidla intshela yophuthu ngizingele nezinyoni ukuze ngidle. Kwadingeka ukuthi umama ayohlala eGoli ezama umsebenzi ukuze akhulise mina. Ngifuna ukufundisa amadoda ngokubalul­eka kokondla nokukhulis­a izingane zawo ngoba le nto idala isilonda enganeni uma inganakiwe.

UNksz Shange ungumhleli kaMiss and Mr KZN Heroes and Heroines waminyaka yonke. Nonyaka kulindelek­e ukuthi ube ngoNovemba 23 eCity Hall, eThekwini. Uphinde abe ngomunye wabasungul­i benhlangan­o efukula abesifazan­e, iZenzele Mbokodo, ayiqala noNkk Sithandiwe Kamanga.

Ubuye abe yijaji emincintis­waneni ehlukene yokumodela. Wakhulela KwaDambuza, eMgungundl­ovu, kanti uke wasebenza emakolishi ehlukene ngaphansi kohlelo lwamaSecto­r Education and Training Authority.

 ??  ?? UKHETHE ukupholisa ubuhlungu ngokubhala incwadi uNksz Thembi Shange othi bese ekhathele wukhwantal­ala
UKHETHE ukupholisa ubuhlungu ngokubhala incwadi uNksz Thembi Shange othi bese ekhathele wukhwantal­ala
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa