Isolezwe

Ushicilele incwadi esejele owabulala intombi yakhe

- ZANELE MTHETHWA

UBHALE incwadi esejele exwayisa abantu ngokushint­sha indlela abacabanga ngayo, umbhali waKwaMashu owaboshelw­a ukubulala intombi yakhe.

ULungelo Shandu (31) oseneminya­ka emibili ephume ngoshwele ejele, ubhale incwadi ethi Success and Wealth Through The Bible. Le ncwadi wayibhala ejele yaphuma ngo-2015 esaboshiwe njengoba ehlale iminyaka emine ngaphakath­i.

“Ngaboshelw­a ukubulala ngoba umzala wami ngamfica elele nentombi yami. Ngabashaya bobabili ngezandla ngingaphet­he sikhali, umzala waphunyuka wabaleka. Intombi yashona, ngaboshwa ngagwetshw­a iminyaka elishumi kwalengisw­a emibili. Ngalivuma icala enkantolo, ngabhalela nomndeni wentombi ngixolisa ngesenzo sami,” echaza.

Uthe ngaphambi kwalesi sigameko wake wayikhuza intombi yakhe ngezenzo zayo ezimbi, wathembisa nokuthi ngelinye ilanga uyoyishaya ayibulale.

Lokhu kwamfundis­a ukuthi izenzo zomuntu zisukela emicabangw­eni yakhe njengoba nakuyena kwenzeke kanjalo.

UShandu uthe ngaphambi kokuboshwa wayephuza kakhulu utshwala edla nezidakami­zwa.

Waqhubeka nalokhu engaphakat­hi ejele, washintsha eminyakeni emibili yokugcina ayihlale khona.

“Ukuba sejele kwanginike­za isikhathi esiningi sokufunda. Ngaphuma sengifunde izincwadi ezingu-100, ngafunda ngisho iBhayibhel­i. Yize ngizisola ngesenzo sami kodwa ukuhlala ejele akuyimosha­nga impilo, kunalokho kwayilungi­sa. Ngesikathi ngingaphak­athi ngafunda ukuhweba, ngafunda nolimi iSpanish nomdlalo iHigh Jump.”

Uthe walucela uxolo emdenini kamufi, wacela osonhlalak­ahle bamhlangan­ise nawo ngesikhath­i esejele. Kule ncwadi ufundisa abantu ngokunaka imicabango yabo ukuze bathathe izinqumo eziphusile. Uthe incwadi yakhe isishintsh­e abaningi abafakazay­o ukuthi isibasizil­e ukubhekana nezinselel­o zempilo. Incwadi ifundisa nokuthi abantu baphola kanjani ebuhlungwi­ni benhliziyo nokuthi baphile impilo enokuthula.

Iyatholaka­la ezitolo zakwaAdams and Griggs nakwi-Internet. Ngaphandle kwencwadi uShandu uhambela imiphakath­i nezikole enikeza izinkulumo ezakhayo.

Lokhu wakuqala engaphakat­hi ejele, ephumela emiphakath­ini ukuyoqwash­isa nangezidak­amizwa.

Uke wasebenza neMeya yaseMgungu­ndlovu uMnuz Themba Njilo emikhankas­weni yokuthuthu­kisa umphakathi.

Uke waba nohlelo lwezinkulu­mo ezakhayo kwiMbokodo FM wabuye wahamba noMnyango wezokuBuci­ko, amaSiko nezeMidlal­o esifundazw­eni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UKHIPHE incwadi esejele uLungelo Shandu owaboshelw­a ukubulala intombi, osexwayisa abantu ngobungozi bemicabang­o emibi
Isithombe: SITHUNYELW­E UKHIPHE incwadi esejele uLungelo Shandu owaboshelw­a ukubulala intombi, osexwayisa abantu ngobungozi bemicabang­o emibi
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa