Ushicilele incwadi esejele owabulala intombi yakhe
UBHALE incwadi esejele exwayisa abantu ngokushintsha indlela abacabanga ngayo, umbhali waKwaMashu owaboshelwa ukubulala intombi yakhe.
ULungelo Shandu (31) oseneminyaka emibili ephume ngoshwele ejele, ubhale incwadi ethi Success and Wealth Through The Bible. Le ncwadi wayibhala ejele yaphuma ngo-2015 esaboshiwe njengoba ehlale iminyaka emine ngaphakathi.
“Ngaboshelwa ukubulala ngoba umzala wami ngamfica elele nentombi yami. Ngabashaya bobabili ngezandla ngingaphethe sikhali, umzala waphunyuka wabaleka. Intombi yashona, ngaboshwa ngagwetshwa iminyaka engu-10 kwalengiswa emibili. Ngalivuma icala enkantolo, ngabhalela nomndeni wentombi ngixolisa ngesenzo sami,” echaza.
Uthe ngaphambi kwalesi sigameko wake wayikhuza intombi yakhe ngezenzo zayo ezimbi, wathembisa nokuthi ngelinye ilanga uyoyishaya ayibulale.
Lokhu kwamfundisa ukuthi izenzo zomuntu zisukela emicabangweni yakhe njengoba nakuyena kwenzeke kanjalo.
UShandu uthe ngaphambi kokuboshwa wayephuza kakhulu utshwala edla nezidakamizwa.
Waqhubeka nalokhu engaphakathi ejele, washintsha eminyakeni emibili yokugcina ayihlale khona.
“Ukuba sejele kwanginikeza isikhathi esiningi sokufunda. Ngaphuma sengifunde izincwadi ezingu-100, ngafunda ngisho iBhayibheli. Yize ngizisola ngesenzo sami kodwa ukuhlala ejele akuyimoshanga impilo, kunalokho kwayilungisa. Ngesikathi ngingaphakathi ngafunda ukuhweba, ngafunda nolimi iSpanish nomdlalo iHigh Jump.”
Uthe walucela uxolo emdenini kamufi, wacela osonhlalakahle bamhlanganise nawo ngesikhathi esejele. Kule ncwadi ufundisa abantu ngokunaka imicabango yabo ukuze bathathe izinqumo eziphusile. Uthe incwadi yakhe isishintshe abaningi abafakazayo ukuthi isibasizile ukubhekana nezinselelo zempilo. Incwadi ifundisa nokuthi abantu baphola kanjani ebuhlungwini benhliziyo nokuthi baphile impilo enokuthula.
Iyatholakala ezitolo zakwaAdams and Griggs nakwi-internet. Ngaphandle kwencwadi uShandu uhambela imiphakathi nezikole enikeza izinkulumo ezakhayo.
Lokhu wakuqala engaphakathi ejele, ephumela emiphakathini ukuyoqwashisa nangezidakamizwa.
Uke wasebenza neMeya yaseMgungundlovu uMnuz Themba Njilo emikhankasweni yokuthuthukisa umphakathi.
Uke waba nohlelo lwezinkulumo ezakhayo kwiMbokodo FM wabuye wahamba noMnyango wezokuBuciko, amaSiko nezeMidlalo KwaZulu-Natal.