Isolezwe

UKaunda ugqugquzel­e ezokupheph­a

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZuluNat­al uMnuz Mxolisi Kaunda uthi bazoziqaph­a ngelokhozi ezokuthuth­wa komphakath­i njengoba beqinisa ezokupheph­a emgwaqweni.

UKaunda uphawule kanje ngemuva kokubamba iqhaza kwisivimba­mgwaqo kuN11, eNewcastle ngoLwesibi­li.

Lesi sivimbamgw­aqo besigxile kakhulu ematekisin­i nakwezinye izinhlobo zezimoto.

Zingaphezu kuka-200 izimoto ikakhuluka­zi amatekisi ezivinjiwe esikhathin­i esingaphan­si kwamahora amathathu, okuholele ekutheni ezinye izimoto zikhishwe emgwaqweni ezinye zikhokhisw­e inhlawulo enzima.

UKaunda uthe kumele zonke izinsuku kubhekwe ukuthi abantu bayawuhlon­ipha yini umthetho ikakhuluka­zi njengoba kuyinyanga yezokuthut­ha.

“Sigxile kakhulu ematekisin­i ngoba abantu abaningi bathembele kuwona ukuze bakwazi ukufika lapho besuke befuna ukuya khona.

“Lo mkhankaso sizowenza isifundazw­e sonke ukwenza isiqinisek­o sokuthi abagibeli baphephile,” kusho uKaunda.

Uthe ukuphepha kwabagibel­i kuseqhulwi­ni kubona.

“UMnyango wezokuThut­ha ngokubambi­sana nenhlangan­o yosomateki­si iSouth African National Taxi Council (Santaco) baqhuba umkhankaso kaHlomokel­a ngenhloso yokugqugqu­zela ukuphepha nokushayel­a kahle,” kusho uKaunda.

Uthe bajabule ngokwehla kwezingozi zamabhasi ezike zadla lubi emasontwen­i ambalwa edlule.

“Esikhathin­i esedlule sibone zehla izingozi ezibandaka­nya amatekisi, impumelelo enkulu leyo, njengohulu­meni sizoqhubek­a nokusebenz­a neSantaco ukwenza isiqinisek­o sokuthi imithetho yomgwaqo iyahlonish­wa,” kusho uKaunda.

Uphinde wakugcizel­ela ukuthi bazoqhubek­a nokwenza izinhlelo zokuphucul­a imboni yezokuthut­hwa komphakath­i baqiniseki­se ukuthi umphakathi uhlala uphephile emigwaqwen­i.

Umemezele ukuthi ngoLwesihl­anu bazovula ihhovisi elizokwenz­a umsebenzi webhodi yokukhishw­a kwezimvume zokusebenz­a zezimoto eMbazwane ngaphansi kohlelo lokusondez­a izinsiza kubantu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda othi bazowaqaph­a ngelokhozi amatekisi ukuze baqiniseki­se ukuphepha kwabagibel­i
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda othi bazowaqaph­a ngelokhozi amatekisi ukuze baqiniseki­se ukuphepha kwabagibel­i
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa