Isolezwe

Kuzothanda­zelwa ukuthula ezikoleni ezilwayo

- PHILI MJOLI

KUZOKHULEK­ELWA ukuthi kungabhedu­ki izimpi zezigodi ezigcina ziholele ekutheni kuphazamis­eke ukubhala kukaGrade 12 ezikoleni ezingaphan­si kwesizwe saKwaMzime­la, eMpangeni, namhlanje.

Inkosi yaseMazime­leni, uMnuz Thanda Mzimela kaMpiyezin­tombi, ithe nyakenye kwaphazami­seka ukubhala kulwa abafundi baseNjingi­li High, basezigodi­ni ezehlukene.

UMzimela uthe kwadingeka ukuthi aze angenelele abize abazali ukuze kuqhubeke ukubhala, kulo nyaka ufuna ukuthi kungaze kwenzeke isigameko ngaphambi kokuthi asikhuze.

UMzimela uzobe ehlangene nabafundi bakaGrade1­2 bezikole eziyisishi­yagalombil­i ezikulesi sizwe.

“Uma izigodi abaphuma kuzo abafundi zinokungez­wani bona akumele bathathe lezo zimpi bazilethe esikoleni ngoba kuzophazam­isa ikusasa labo. Ngaphandle kwezinking­a zezimpi zezigodi kuyenzeka ukuthi abafundi babe nezinkinga zabo abasuka nazo emakhaya bagcine sebengaqed­i ukubhala.

“Siyisizwe sidinga ukuthi bonke abafundi babhale izivivinyo zabo ukuze baqhubekel­e phambili,” kusho uMzimela.

Ngaphandle kwezinkulu­mo ezakhayo uMzimela uthe kuzobuye kukhishwe nezindondo ezizonikez­wa izikole ezintathu ezibe nemiphumel­a emihle nyakenye .

“Ngokujwaye­lekile izindondo ezibonga abafundi ngokwenza kahle ziye zenziwe ngasekuqal­eni konyaka kodwa ngikhethe ukuzenza manje, ukuze kuhlale ezingqondw­eni zabafundi ukuthi kumele bazimisele ukuze bakhuphule izikole abafunda kuzo,” kusho uMzimela.

Izikole ezizothola izindodo uthe iZimele High ethole u-100% isuka ku-19% eyayiwutho­le ngo-2016 , iNqabayama­zimela ethole u-84% neZakhelen­i ethole u-91%.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa