Ufuna ukugqamisa Umkhumbane
UFUNA ukugqamisa Umkhumbane umhleli womcimbi, uMkhumbane Music Picnic ezoba se-Albert Luthuli Sport Field, eCato Manor, ngo-Okthoba 27.
UBonga Shange, ohlela lo mcimbi okuzoba ngokokuqala ukhona, uthe indawo yangakubo inomlando omkhulu.
“Ziningi izinto indawo yangakithi enothe ngazo nomlando. Uzokhumbula ukuthi nenxiwa likanina weSilo likhona kule ndawo,” kusho uBonga.
Uthe lo mcimbi uzozuzisa nomphakathi ngoba enye inzuzo yayo bazoyisebenzisela ukuthuthukisa wona. “Nosomabhizinisi abancane bazothola ithuba lokuhlomula ngokudayisa izinto zabo futhi ingxenye ethile yemali sizosiza ngayo imindeni ehlwempu ikakhulukazi ngoba sekusondele nesikhathi sikaKhisimuzi,” kuchaza uBonga.
Uthe umcimbi wakhe uzobe ubophele abaculi abahlukene ngoba balindele abantu bakuzo zonke izindawo.
Phakathi kwabazobe beshiyelana inkundla ubale uL’vovo, Danger, Thobekile Mkhwanazi, T’zozo, Zodwa Wabantu, DJ Wonder, DJ Mlisa, Naima Kay, Da Babes, Lekomotion weVuma FM nabanye abaningi.
Uthe futhi nabaculi bendawo bazonikezwa inkundla yokuzibonakalisa.
“Njengoba kuyi-picnic nje, abantu bavumelekile ukuthi bafike namacooler box abo kodwa kukhona okuncane abazokukhokha ngawo, izihlalo zokukhempa namagazebo. Sifuna ukuthi umcimbi ube minyaka yonke ngoxhaso lwabantu abahlukene njengomasipala.”
Uthe kuzoqala ngo-11 ekuseni kuze kube yiphakathi kwamabili.
“Kuzongenwa ngoR100 kodwa uma uthenge i-airtime yakwaVodacom yenani elingaphezulu kukaR55 ngaphambi kuka-5, uzongena mahhala.”