Isolezwe

Ufuna ukugqamisa Umkhumbane

- FANELESIBO­NGE BENGU

UFUNA ukugqamisa Umkhumbane umhleli womcimbi, uMkhumbane Music Picnic ezoba se-Albert Luthuli Sport Field, eCato Manor, ngo-Okthoba 27.

UBonga Shange, ohlela lo mcimbi okuzoba ngokokuqal­a ukhona, uthe indawo yangakubo inomlando omkhulu.

“Ziningi izinto indawo yangakithi enothe ngazo nomlando. Uzokhumbul­a ukuthi nenxiwa likanina weSilo likhona kule ndawo,” kusho uBonga.

Uthe lo mcimbi uzozuzisa nomphakath­i ngoba enye inzuzo yayo bazoyisebe­nzisela ukuthuthuk­isa wona. “Nosomabhiz­inisi abancane bazothola ithuba lokuhlomul­a ngokudayis­a izinto zabo futhi ingxenye ethile yemali sizosiza ngayo imindeni ehlwempu ikakhuluka­zi ngoba sekusondel­e nesikhathi sikaKhisim­uzi,” kuchaza uBonga.

Uthe umcimbi wakhe uzobe ubophele abaculi abahlukene ngoba balindele abantu bakuzo zonke izindawo.

Phakathi kwabazobe beshiyelan­a inkundla ubale uL’vovo, Danger, Thobekile Mkhwanazi, T’zozo, Zodwa Wabantu, DJ Wonder, DJ Mlisa, Naima Kay, Da Babes, Lekomotion weVuma FM nabanye abaningi.

Uthe futhi nabaculi bendawo bazonikezw­a inkundla yokuzibona­kalisa.

“Njengoba kuyi-picnic nje, abantu bavumeleki­le ukuthi bafike namacooler box abo kodwa kukhona okuncane abazokukho­kha ngawo, izihlalo zokukhempa namagazebo. Sifuna ukuthi umcimbi ube minyaka yonke ngoxhaso lwabantu abahlukene njengomasi­pala.”

Uthe kuzoqala ngo-11 ekuseni kuze kube yiphakathi kwamabili.

“Kuzongenwa ngoR100 kodwa uma uthenge i-airtime yakwaVodac­om yenani elingaphez­ulu kukaR55 ngaphambi kuka-5, uzongena mahhala.”

 ??  ??
 ??  ?? UMCULI wekwaito uDanger ungomunye wabazonand­isa emcimbini Umkhumbane Music Picnic eCato Manor ngo-Okthoba 27
UMCULI wekwaito uDanger ungomunye wabazonand­isa emcimbini Umkhumbane Music Picnic eCato Manor ngo-Okthoba 27

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa