Isolezwe

Uvula amathuba kwabafunde­le ukulula imisipha

- ZANELE MTHETHWA

UKUNCIPHA kwamathuba okuqashwa kodokotela abalapha imisipha kwenze asheshe azivulele ibhizinisi lakhe, uMnuz Thulani Doncabe (29) oyi-physiother­apist.

UDoncabe ozalelwe KwaMashu, uqale ngoFebhuwa­ri nonyaka ukuzimela emuva kokusebenz­a ezindaweni ezimbalwa zokwelapha. UDoncabe okhuliswe uninakhulu, uthe kwamthatha isikhathi ukubhalise­la izifundo zePhysioth­erapy ngenxa yokweswela imali.

Emuva kokuphothu­la u-matric eNtshiseke­lo High eNanda, waphoqelek­a ukwenza iBachelor of Science (Bsc) engaqondil­e e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).

“Ngathola ukuthi kuyashesha ukuvalwa ukubhalise­la iPhysiothe­rapy nami ngafika sekuvaliwe ngikade ngisaqonge­lela imali yokufaka isicelo. Ngagcina ngenza iBsc ngaleso sikhathi okwakungak­agcwali ukuyibhali­sela. Ngayenza iminyaka emibili ngashiya phakathi, ngalandela iphupho lami lokwenza iPhysiothe­rapy,” echaza.

Esephothul­e izifundo zakhe uqeqeshwe ngaphansi kohlelo lukahulume­ni olubizwa ngeCommuni­ty Service, lapho abasebenzi bezempilo kumele basebenze emiphakath­ini. Usebenze emtholampi­lo ePoly KwaMashu wabuye wasebenza nomunye udokotela eNewcastle. Okwenze asheshe azimele uDoncabe wukuthi ubesezame kaningi efaka isicelo ezibhedlel­a zikahulume­ni kodwa engaqashwa.

“Kumanje sinenselel­o yokuthi amaPhysiot­herapist kuthiwa asemaningi kakhulu, ngisho ezibhedlel­a ezizimele. Uma ufuna ukungena esibhedlel­a usizwa wukushints­hana nodokotela othize enisebenzi­sana naye. Yilokhu okwenze ngashesha ngaziseben­za ukuze nami ngisize abaphuma emanyuvesi abafuna umsebenzi. Okwethu kulula ngoba uma usuthole indawo nje uyakwazi ukuqala ukusebenza,” echaza.

UDoncabe usenezinda­wo ezintathu asebenzela kuzo okubalwa ePhoenix Industiral Park, ngaseDurba­n University of Technology eSteve Biko naKwaDukuz­a.

Uthe kukhona nodokotela waseMzinya­thi, eNanda, asebenzisa­na naye, abone iziguli ntambama. Uveze nokuthi abanye ubelaphela emakhaya uma bengakwazi ukuhamba, ikakhuluka­zi izaguga nabakhubaz­ekile.

Iziguli zakhe yilezo eziphathwa ngamathamb­o, umgogodla, imisipha namajoyint­i. Uthe abanesifo sohlangoth­i nabo bayadinga ukwelulwa yi-physiother­apist ngoba amaphilisi ewodwa awasizi. Uphinde asize abalimele. Uthe inselelo ekhona wukuthi abantu abakakhole­lwa kahle ekwelashwe­ni ngabamnyam­a. Kudingeka ukuthi uma usuthole ikhasimend­e uliphathe kahle ukuze litshele nabanye, libuyelwe nayithemba.

Ukhuthaze abasafuna ukulandela lo mkhakha ukuthi bangacaban­gi kuphela ukuthi bazoqashwa kodwa basheshe bazimele.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa