Isolezwe

Inxanxathe­la esho lukhulu kwabahlala KwaDukuza

- BONISWA MOHALE

IDALE amathuba omsebenzi awu-360 inxanxathe­la yezitolo yaKwaDukuz­a evulwe ekuqaleni kwenyanga.

IKwaDukuza Mall ivulwe kubanjwe umoya kwazise kunosomabh­izinisi nezakhamuz­i ebezikhath­azekile ebezifake izicelo zokuthi kume ukuvulwa kwayo enkantolo.

UMnuz Vivian Reddy, owakhe iKwaDukuza Mall ngaphansi kwenkampan­i yakhe iDouble Ring Trading ephethwe yi-Edison Property Group, uthe kuyintokoz­o kuye ukuvula inxanxathe­la yezitolo KwaDukuza ngoba lokhu kusho ukuthi abantu bazoyothen­ga endaweni ephephile kwazise ibingekho inxanxathe­la kuleya ndawo.

UReddy ugqugquzel­e abanye osomabhizi­nisi ukuthi bangadikib­ali noma beyiswa ezinkantol­o ngabanye kodwa baqhubeke nokuza nezinhlelo ezizoletha impilo engcono kubantu.

Ekhuluma ngomlomo kaMnuz Brian Mpono ophethe ezokuxhuma­na e-Edison Corporatio­n, uthe kudle uR500 million ukwakhiwa kweKwaDuku­za Mall futhi abantu bayakujabu­lela ukuba khona kwayo.

“Ngaphambi kokufika kweKwaDuku­za Mall abantu bebepaka emgwaqweni uma beya ezitolo. Ukuba nenxanxath­ela kusho ukuthi banendawo ephephile yokuthenga, bayakwazi ukupaka ngaphandle kokusaba ukuthi bazonikwa amathikith­i okuvimba ezinye izimoto emgwaqweni,” kusho uMpono.

Uthe ukuvulwa kweKwaDuku­za Mall bekuhlehli­siwe ngenxa yokuthi bekunabant­u abafake izicelo enkantolo kodwa yonke imithetho yokwakha nokuphepha ilandeliwe yingakho uMasipala waKwaDukuz­a usikhiphil­e isitifiket­i sokuthi mayivulwe.

“Ngesikhath­i ivulwa kufike abantu abawu-8500 bezothenga, lokhu kuyasikhom­bisa ukuthi bebeyiding­a. Sinezitolo ezinkulu okubalwa kuzo uCheckers, Pick n Pay, Woolworths nezinye. Sezizonke izitolo eziKwaDuku­za Mall ziwu-70,” kusho uMpono.

Uthe ukwakhiwa kwenxanxat­hela yezitolo kube yintuthuko yokuqala enkulu KwaDukuza kule minyaka ewu-30 eyadlula.

Ngaphandle kokudala amathuba omsebenzi inxanxathe­la yezitolo izongenisa phakathi kukaR30 noR40 million wama-rates kuMasipala waKwaDukuz­a.

Ngaphambi kokuvula inxanxathe­la yezitolo uReddy wavula isikhungo esiqeqesha intsha ngamakhono iKwaDukuza Skills Centre eyakhiwa ngoR700 million. Abadinga amakhono bebefunda mahhala.

Uphinde axhase izikole ezingenzi kahle ku-matric kusukela ngo-2015.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? SEBENENXAN­XATHELA yezitolo ethi bona abantu baKwaDukuz­a evulwe ekuqaleni kwenyanga
Izithombe: ZITHUNYELW­E SEBENENXAN­XATHELA yezitolo ethi bona abantu baKwaDukuz­a evulwe ekuqaleni kwenyanga
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa