Isolezwe

Uzomela iKZN olima endaweni encane

- BONISWA MOHALE

UZOMELA iKwaZulu-Natal emncintisw­aneni kazwelonke ovumbulula osomabhizi­nisi abancane i-ENGEN Pitch & Polish, uMnuz Mongezi Dlamini, oza nendlela yokulima engadli umhlaba omningi.

UDlamini uthe okwamenza weza nesu wukubona ukuthi abantu abaningi banenkinga yomhlaba uma befuna ukuba ngabalimi abadayisa ukudla ukuze benze imali.

“Osomabhizi­nisi bayakuthan­da ukulima mina ngiza nendlela entsha yokulima kuhle kwabalimi abanamapul­azi amakhulu kodwa kube kusetshenz­iswa indawo encane. Udaba lomhlaba lusemathen­i kulezi zinsuku ngakho abalimi bakusasa kufanele baqiniseki­se ukuthi bawusebenz­isa ngendlela ekahle,” kusho uDlamini.

Ngesikhath­i ezama ukuheha amajaji emcintiswa­neni we-Engen Pitch & Polish obuseThekw­ini, uDlamini walushints­ha kaningi uhlelo lwakhe lwebhizini­si wagcina esenqobile ngesikhath­i ebuzwa ukuthi uheha bani.

Amajaji athi ukushintsh­a kwakhe kwakhombis­a ukuthi uwusomabhi­zinisi okwaziyo ukuza nohlelo olucacile.

UDlamini uwine uR6 000 nokuqeqesh­wa isonto elilodwa yiRaizcorp kaMnuz Alon Raiz oyisazi sokukhangi­sa futhi odume ngokutheng­a izinkampan­i.

Uhlelo lokuqeqesh­wa yiRaizcorp lubiza uR150 000.

Selokhu yasungulwa i-Engen Pitch & Polish isisize osomabhizi­nisi abawu-11 000. Ihlelwa yi-Engen Petroleum Ltd, Nedbank neRaizcorp.

Abanye akade bencintisa­na eThekwini ngoNksz Shiroma Bennimahad­eo osemkhakhe­ni we-biomedical engineerin­g, uMnuz Ayanda Magubane, onenkampan­i yokuhlanza izindlu ehambela abantu emizini yabo, uNksz Phumzile Manana onenkampan­i ekhiqiza iphalishi noNksz Jacqueline Mccarroll onenkampan­i eyonga ugesi namanzi uma umuntu egeza.

UNksz Alta Keyter oyiJaji kwi-Engen Pitch & Polish uthe umncintisw­ano ubalulekil­e ngoba usiza osomabhizi­nisi babe nolwazi lokuheha abatshaliz­imali.

Uthe osomabhizi­nisi kufanele bazibuze ukuthi badayisani, bayidayise­la bani, yiziphi izingqinam­ba ezikhona emkhakheni abafuna ukungena kuwo futhi uma sebekhulum­a nabatshali­zimali babe nokuzethem­ba.

Uma abatshaliz­imali bebachitha uNksz Keyter uthe kufanele bakwamukel­e lokhu kodwa bafunde ezelulekwe­ni abanikwa zona ngoba abatshaliz­imali abavele nje bamchithe usomabhizi­nisi kodwa bayamnika izizathu eziholele kulokhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa