I-WBC izomela osomabhizinisi abamnyama
BAZOKUBA yizwi losomabhizinisi abamnyama abeWestville Business Chamber (WBC) ethulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili, emcimbini obuseCoastlands Hotel esemgwaqeni uPeter Mokaba.
Lezi zindaba zidalulwe wuMnuz Phila Mahaye onguSihlalo weWBC othe inhlosongqangi yabo wukuhlanganisa osomabhizinisi abamnyama ngoba kabamelelekile kahle kwezinye izinhlangano. “Siyazi zikhona ezinye izinhlangano zosomabhizinisi kodwa eyethu ihlukile ngoba imele osomabhizinisi abamnyama. Sizoba yizwi labo, sibazise uma kukhona amathuba futhi kugcwele izifundiswa ezihlose ukulwa nobubha, izinga lokungalingani phakathi kwabantu nenkinga yokusweleka komsebenzi.”
Amazwi akhe enanelwe nguNkk Fikile Vezi oyilungu lekomidi leWBC othe basungule le nhlangano ngoba befuna ukuthuthukisa osomabhizinisi abamnyama.
UNkk Vezi wenze isibonelo sokuthi uma uya koGrey Street eThekwini uyazi kunamabhizinisi ohlanga oluthile futhi uma uya eNyakatho yeTheku nakhona kunabanye kodwa abamnyama ayikho imigwaqo okwaziwayo ukuthi ngeyabo bodwa. “Sifuna osomabhizinisi abamnyama babe sezingeni elifana nelezinye izinhlanga ngoba zona kunemigwaqo esazi kahle ukuthi kugcwele amabhizinisi azo zodwa. Okunzima wukuthi ngisho amabhizinisi aselokshini asephethwe ngezinye izinhlanga ngoba zingenisile nakhona.”
Uthe osomabhizinisi abamnyama bazofika kwelinye izinga uma besekwa ngabantu bakubo njengoba kwenza ezinye izinhlanga.
“Kufanele sisekane, sazi ukuthi umuntu wakithi othile wenza umkhiqizo odingwa kulo mkhakha bese siwuthenga kuye. Sizokwazi nokuthi sihambe siyocwaninga amathuba kwamanye amazwe uma sibumbene ngoba sihlale sibona ubuso obubodwa uma kuyobhekwa amathuba ebhizinisi phesheya kwezilwandle,” kusho uNkk Vezi.
Uthe yize iWBC imele osomabhizinisi abamnyama kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke isebenzisane nezinye izinhlangano kodwa izosebenzisana neDurban Chamber of Commerce nezinye izinhlangano ukuze ifunde kuzo.
UNksz Busi Ndlovu owuSihlalo wekomidi elibhekelele ezokuThuthukiswa koMnotho kuMasipala weTheku uthe uyajabula ukuthi osomabhizinisi abamnyama bayasebenzisana ngoba lokhu kusho ukuthi bazofukulana futhi bakwazi ukukhuluma ngazwi linye ezintweni ezithibathintayo.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZuluNatal, uMnuz Sihle Zikalala ugqugquzele osomabhizinisi ukuthi beze nezinhlelo zokuthuthukisa umnotho futhi bangagxili emkhakheni yokuhlela imicimbi nokwakha kodwa bangene nakweminye.
“Sonke siyazi ukuthi umnothoawukhuli ngendlela kwazise iBhange loMbuso liveze ukuthi uzokhula ngo0.7% usuka ku-1.2%. Izinga labaswele umsebenzi liphezulu njengoba liku-27%. Uhulumeni ngeke awadale yedwa amathuba omsebenzi kodwa udinga ukusizwa wosomabhizinisi,” kusho uZikalala.
Wenze isibonelo ngoMnuz Thembinkosi Mthembu owasungula inkampani ekhiqiza ama-tissue osewadayisa ngisho kwamanye amazwe.
UZikalala ugqugquzele abantu ukuthi bathenge impahla ekhiqizwa eNingizimu Afrika ukuze kuthuthuke umnotho nosomabhizinisi abamnyama.
Ubalule ukuthi ezikoleni zezinye izinhlanga umfaniswano wesikole uthengwa kwibhizinisi lomndeni othile kodwa umfaniswano wezikole zabamnyama uthengwa esitolo sikasomabhizinisi womdabu.
“Umfaniswano wezikole zethu kufanele udayiswe womama bamabhizinisi emiphilandawonye. Imali kufanele nathi siyigcine lapho sikhona njengoba kwenza ezinye izinhlanga,” kusho uZikalala.