Umqeqeshi we-Arrows nethemba lokuwina isicoco seMDC
AKALILAHLILE ithemba ngokuthi basengakwazi ukuvikela isicoco seMultiChoice Diski Challenge (MDC), uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, opheka iLamontville Golden Arrows.
Abafana Bes’thende azikabahambeli kahle izinto kulo mqhudelwano njengoba besendaweni ka-11 kwi-log, ngamaphuzu amane, emidlaweni emine.
UVilakazi nezakhe, sebesinqobe kabili lesi sicoco (ngo-2015, nangesizini edlule). Ngokusho kwalo mqeqeshi, amanye amaqembu asalahla amaphuzu ngakho basengabuya badle umhlanganiso.
I-Arrows izotholana phezulu neHighlands Park, emdlalweni ozoba ngeSonto, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngo-10 ekuseni.
“Asililahlile neze ithemba lokuthi sisengabuya futhi sisivikele lesi sicoco. Ngikusho lokhu ngoba ngaphandle kwaMaZulu FC, akekho ongakashaywa selokhu kuqale isizini. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi kusengenzeka noma yini,” kusho uVilakazi.
Lo mqhudelwano udume ngokukhiqiza abadlali abafika emaqenjini abo amakhulu bazakhele amagama.
Phakathi kwabadlali abambalwa abaphume kulesi sigaba singabala uNduduzo “Sulumane” Sibiya we-Arrows, uSiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs noSiphesihle “Mbesuma” Ndlovu ukusho abambalwa.
UVilakazi uthe ngeke avume ukushaywa iHighlands, kumnyama kubomvu.
“Ngeke sivume ukushaywa kulo mdlalo. Inkinga esinayo ukuthi sakha inqwaba yamathuba kodwa siyehluleka ukuwasebenzisa. Lo mdlalo wethu neHighlands iwona kanye okufanele sijike khona izinto. Uma singashaya amagoli amabili noma amathathu kuwona, ngeke sisabambeka,” kunezezela uVilakazi.
Noma izinto zingavumi kahle okwamanje kwi-Arrows, uVilakazi uzishaya isifuba ngasekuzuzile kuleli qembu selokhu athatha izintambo.
“Kuyangijabulisa ukuthi iningi labadlali bethu esaqala nabo lidlala eqenjini elikhulu njengamanje (ebala uSiyabonga Dube noSibiya nabanye). Noma iqembu lingenzi kahle njengamnje kodwa okubalulekile ukuthi sisaqhubeka nokukhiqiza abadlali abazosiza eqenjini elikhulu. Lokho kukodwa kimina kukhombisa ukuthi siwenza ngendlela umsebenzi,” kuphetha uVilakazi.