Isolezwe

Ubonga ithuba lokudlala kumaBhokob­hoko

- NDUDUZO DLADLA

UBONGA uyanconcoz­a ngethuba alinikwe wumqeqeshi wamaBhokob­hoko uThomas Du Toit oyi-prop kwiCell C Sharks.

UDu Toit ubeyingxen­ye yeqembu likaRassie Erasmus kulo nyaka.

Empeleni uDu Toit (23), udlale amahlandla amahlanu kumaBhokob­hoko ngaphansi kuka-Erasmus nonyaka. Udlale emdlalweni wokuqala ka-Erasmus lapho ayebhekene khona neWales, eWashingto­n DC, waphinde wadlala imidlalo emithathu yeTest elakuleli libhekene ne-England ngoJuni ngaphambi kokudlala umdlalo owodwa weRugby Championsh­ip, amaBhokobh­oko awudlala ne-Argentina, eThekwini.

UDu Toit uthe nakuba engazange esadlala ngemuva kwalokho kodwa kuningi akuzuzile kulesi sikhashana abe naso namaBhokob­hoko.

“Ngijabulil­e ngethuba engilithol­e kumaBhokob­hoko, kube wukufezeka kwephupho lami. Ngifunde lukhulu kulesi sikhathi, nginethemb­a lokuthi ngizophind­e ngibuye kungekudal­a kwelesizwe,” usho kanje uDu Toit ngemuva kokuziqeqe­sha neSharks.

UDu Toit uzoba yingxenye yeSharks ezodlala neTafel Lager Griquas emdlalweni weCurrie Cup, ozoba seKimberly, eTafel Lager Stadium ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

Uma iSharks inganqoba lo mdlalo ngephuzu lebhonasi, izogudluza iWestern Province esicongwen­i se-log.

“Akufanele nakancane siyizwele iGriquas ngoba sithi ayibanga nesizini enhle. Ukunqoba kahle kwiGriquas kuzokwenza ukuthi imidlalo emibili elandelayo siyidlalel­e ekhaya. Ngakho kuzofanele siqinise isandla impela ngoba nayo iGriquas izofuna ukuvala isizini ngokushaya thina,” ubeke kanje uDu Toit.

Emasontwen­i amabili edlule, iSharks ishaywe kabuhlungu yizimbangi zayo ezinkulu iProvince ngo 50-28.

“Ukushaywa kwethu yiProvince kusiphapha­misile. Kusenze sabona ukuthi sisemhlabe­ni lapha ngakho sizozibamb­a ziqine kusuka manje. Nasekhempi­ni abadlali banomoya owodwa wokufuna ukwenza kangcono kunalokhu okwenzeka eKapa,” kuphetha uDu Toit. Imidlalo yeCurrie Cup imi kanjena: Kusasa iCollege Pumas v Xerox Golden Lions (7pm, Mbombela Stadium) NgoMgqibel­o Tafel Lager Griquas v Cell C Sharks (3pm, Tafel Lager Park), Vodacom Blue Bulls v DHL Western Province (5.15pm, Loftus Versfeld).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa