Isolezwe

IBanyana idlale kahle kakhulu: Van Wyk

- LUNGILE MAJOKA

UBABAZA umoya wobumbano ohelezayo kwiBanyana Banyana ukaputeni weqembu lesizwe, uJanine van Wyk, athi yiwona obaholele ekutheni bakwazi ukubambela ekhaya iChile emdlalweni wobungani izolo ekuseni.

IBanyana idlale ngokulinga­na kuba wu 2-2 nelinye lamazwe angcono emhlabeni ebholeni labesifaza­ne. Umdlalo wokuqala waphela ngo 2-1 kunqoba iChile.

IBanyana ibisebenzi­sa imidlalo ukuzicijel­a iWomen Africa Cup of Nations (Afcon) engenyanga ezayo ezweni elisazomen­yezelwa.

Umqhudelwa­no ungomqoka emazweni ayisishiya­galombili azobe encintisan­a kuhlungelw­a iNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo.

“Lidlale kahle kakhulu iqembu ebusuku (esho izolo). Selizakhel­e igama ngokuba nomoya wokulwa eliwukhomb­isile. Ngiyaziqhe­nya kakhulu. Uma kukhulunyw­a iqiniso bekufanele siwunqobe umdlalo. Kodwa sizoqhubek­ela phambili noma zikhona izinselelo,” kusho uVan Wyk ekhasini lakhe kwi-twitter.

Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, uvumelene naye kwelokuthi bekumele umdlalo bawunqobe. Ukhale ngezinqumo zikanompem­pe ezibenzele phansi.

“Ngicabanga ukuthi bekumele siwunqobe umdlalo. Sakhe inqwaba yamathuba ikakhuluka­zi esiwombeni sokuqala. Angicabang­i ukuthi umphumela uveza lokhu obekwenzek­a enkundleni. Ziningi izinqumo ebezingasi­vuni, ngisho nalezi obekumele zivune thina. Kodwa-ke siqhubekil­e nokwenza lokhu obekumele sikwenze. Sawuhlaziy­a umdlalo wokuqala, kulokhu besikulind­ele konke abebekwenz­a,” kusho u-Ellis.

IBanyana ibuye eNingizimu Afrika namuhla ekuseni. Maduze izoqala ikhempu yokulungis­elela i-Afcon.

Ngo-Okthoba 21 kuzoqhathw­a amazwe azodlala okuyiBanya­na, iNigeria, Algeria, Equatorial Guinea, Mali, Zambia, Cameroon neZimbabwe.

U-Ellis uthe uzosebenzi­sa lesi sikhathi ukulungisa izindawo abasaxega kuzo.

IChile yona esizibekis­ele indawo eFrance, ishaye amagoli ngama-free kicks.

“Asilona iqembu elinabadla­li abade. Kwesinye isikhathi bekumele unozinti asisize. Sizoyibuka imidlalo njengoba nginesiqin­iseko sokuthi namazwe esizodlala nawo azosibheka. Kusemqoka ukuthi sivale kangcono emuva ikakhuluka­zi uma kushaywa amakhona namafree kick,” kusho- Ellis.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa