Isolezwe

OweChiefs useninga ngowabakha­ya baseSoweto

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UZOSHAYA izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa uGiovanni Solinas ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs njengoba ezosebenzi­sa ikhefu lemidlalo yeFifa ngokuthi aqinisekis­e ukuthi umgadli wakhe omqoka uLeonardo Castro uwulungele owabakhaya ngesikhath­i esifanayo adle iMacufe Cup.

Ngaphandle kokuyidla iMacufe Cup adlala kuyona neBloemfon­tein Celtic ngo-3 ntamabama, eFree State Stadium, uSolinas uhlele ukusebenzi­sa lo mdlalo ukuzama konke ayekade efisa ukukuhlang­anisa kodwa engeke aphumelele ngenxa yokushuba kwesimo kwi-Absa Premiershi­p.

IChiefs ayizange iqale kahle kodwa ikhombise izimpawu zokuvuka emaqandeni ezinyangen­i ezimbili ezedlule. Ngemuva kwalokho kuphinde kwehla ukuhambela phezulu kwazise Amakhosi awayazi iwini koweligi kule nyanga. “Ukudla iMacufe Cup kungabuyis­a ukuzethemb­a (kimina nakubadlal­i abathile) kuphinde kuveze nezinto eziningi engingakaz­azi ngeqembu lami,” kusho uSolinas okhombisa izimpawu zokukujabu­lela ukuma kwemidlalo yeligi.

“Uma leli khefu lizonginik­a ithuba lokuqinise­kisa ukuthi uLeo (Castro) uzobe esewungele ngokwanele umdlalo ozayo ngiyalemuk­ela. Yinto efanayo futhi uma leli khefu lizokwenza okufanayo kuDax Andrianari­manana. Njengoba uCastro eseqalile ukugijima ngizizwa ngijabule. Lokhu kungiqinis­a idolo ukuthi umdlalo wethu omqoka olandelayo angase abekhona.

“Yebo abadlali abaningi abekho ngenxa yemidlalo yamazwe kodwa lokhu kuzovula ithuba kubadlali abebengaka­litholi kahle ithuba ukungikhom­bisa ukuthi bakhona uma bedingeka. Ngilijabul­ele leli khefu ngoba angingabaz­i ukuthi ngemuva kwalo kunezinto eziningi ezinhle engizokwaz­i ukunitshel­a zona (nina abezindaba).”

Lo mqeqeshi wase-Italy ukujabulel­a kakhulu ukubhekana neqembu elifana neCeltic kwazise liphekwa umqeqeshi athe umhlonipha ngendlela eyisimanga, uSteve “Mphathi” Komphela.

“Angikholwa ukuthi likhona ithuba elingcono kunokuzama abadlali bakho ongabazi kahle emdlalweni okungangab­azeki ukuthi uzoba onzima. Asikho isidingo sokuhlola abadlali ngemidlalo elula ngoba ngeke ubabone ukuthi bamisa kanjani uma izinto zingahambi ngendlela abasuke befisa ngayo.

“Ngeke nangengozi athambise uKomphela ngakhoke ngiyazi ngizokutho­la lokhu engikufuna­yo. Kusemqoka ukuwina iMacufe kodwa uma ngingayiwi­nanga kepha ngifunde okuningi ngabadlali bami, ngingakwam­ukela lokho,” kusho lo mqeqeshi.

Uzobe engasebenz­i no-Itumeleng Khune, Ramahlwe Mphahlele (bobabili Bafana Bafana), Godfrey Walusimbi (Uganda), Teenage Hadebe, Khama Billiat (beziZimbab­we) noVirgil Vries (Namibia).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGIOVANNI Solinas weKaizer Chiefs ujabule ngokuthi bazodlala neBloemfon­tein Celtic emdlalweni weMacufe Cup ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGIOVANNI Solinas weKaizer Chiefs ujabule ngokuthi bazodlala neBloemfon­tein Celtic emdlalweni weMacufe Cup ngeSonto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa