UHunt uklolodela abebemgxeka ngabadlali
UMQEQESHI weBidvest Wits, uGavin Hunt, uklolodela bonke ababethi uyasangana ngesikhathi eqinisa isikwati sakhe ngabadlali abathile kodwa manje usethishwa ukuba adle isicoco sakhe sesibili seligi neZitshudeni okuzobe sekungokwesine esiphakamisa.
Phakathi kwabadlali abavezile uHunt ukuthi ugxekwe kakhulu ngabo ubale uKeagan Ritchie. URitchie, oke wadlala kwiKaizer Chiefs, Bloemfontein Celtic nakwiSuperSport United, uyena olamulele iWits kukubi ilandela ngemuva kwiMamelodi Sundowns ngeSonto.
Ngaphandle kukaRitchie, uHunt uqinise ngoDeon Hotto waseNamibia, Gift Motupa oshiye kwi-Orlando Pirates ebheke kwiChippa United kodwa kwaphinde kwashintsha esethathwa yileli qembu elizihola phambili kwi-log ye-Absa Premiership.
“Kunabantu abebengitshela ekhaleni ukuthi ngiyasangana ekhanda ngokusayinisa uRitchie ngoba usehlulekile emaqenjini amaningi. Buka manje uyena osilamulela kunzima. Abantu bebengabheki ukuthi yini edala ukuthi ngisayinise ngendlela engenze ngayo kodwa mina bengazi ukuthi ngenzani. Iningi labadlali esibalandile bebengalandelwa ukuzodlala endaweni eyodwa kepha kweziningi,” kusho lo mqeqeshi.
URitchie oshaya ingcwenga ye-freekick eshiye uDennis Onyango elele, udlala maphakathi nenkundla esiswini okuyindawo ehluke kakhulu kunale aziwa kuyona emuva ngakwesokunxele.
Kuyona le nkulumo uHunt uzwakalise ukungalijabuleli ikhefu leFifa eliqhubekayo ngoba uba nenkinga yokubuyisela abadlali bakhe emgqigqweni uma sebebuya emaholidini.
“Iqembu lami sengilifunde kahle. Singcono uma sidlala kaningi eduze. Njengoba sizohlala singadlali kuzosiphazamisa emgqigqweni wethu. Yebo sizoyidlala eyobungani kodwa sonke siyazi ukuthi ayisondeli nakancane kweyePremiership ngokushuba,” kusho uHunt.
Emdlalweni olandelayo wePremiership iWits izobhekana neHighlands Park eBidvest Stadium ngo-Okthoba 26 ngo-8 ebusuku.