Isolezwe

Uzoya eDublin ayoqedela ezokuqeqes­ha

- MINENHLE MKHIZE

UBUYELA phesheya kwezilwand­le ngonyaka ozayo ukuyoqedel­a izifundo zakhe ze-Uefa Licence B owaduma kwiBafana Bafana, uKagisho “KG” Dikgacoi, osabambe izintambo zokuqeqesh­a kwiRoyal Eagles.

Inhloko yabaqeqesh­i kwiEagles, uRoger Sikhakhane, iyalulama ekhaya ngemuva kokuhlinzw­a.

UDikgacoi ubambe izintambo noSazi Ngubane bese kuba noBafana Nhlapo ocija onozinti eqenjini eligijima kwiNationa­l First Division (NFD).

UDikgacoi uthe ubuyela ngonyaka ozayo phesheya kwezilwand­le.

“Ngizobuyel­a eDublin ngoMeyi ukuyoqedel­a iziqu zami ze-Uefa B Licence. Ngijabule ngokuthi sengilutho­lile usuku oluqondile,” kusho uDikgacoi.

Selokhu enikwe izintambo njengoba uSikhakhan­e esalulama ekhaya, uDikgacoi nethimba lakhe basadliwe kanye banqoba imidlalo emibili.

Baqumbe phansi i-University of Pretoria ngo 1-0 kwathi kusenjalo bashaya Uthongathi FC ngo 1-0 kodwa ngempelaso­nto beguqiswe yiReal Kings ngo 2-1.

“Ngisafunda. Kubi ukuthi uthisha wami akekho njengamanj­e. Ngiyayitha­kasela inselelo engibheken­e nayo njengamanj­e. Umdlalo nomdlalo ngizokhula. Ngikakwe ngabantu abakhaliph­ile kuSazi noBafana. Sisebenzis­ana kahle nabo,” kusho le nsika eke yadlala kwi-English Premier League emaqenjini afana neFulham neCrystal Palace.

I-Eagles ithake isikwati sayo ngabadlali abafana noDavid Booysen, Andile Fikizolo, Lewis Macha noKhanyisa Mayo.

“I-Eagles ibophele inqwaba yabadlali abanekhono. Lokhu kwenza kube nzima ukuthi uqoke abawu-11 abazoqala umdlalo nabawu-18 osuke uzohamba nabo. Bonke usuke ubona ukuthi bakufanele ukuba seqenjini elisuke lizodlala. Nokho ekugcineni udinga isibindi ukuze wenze izinqumo osuke ucabanga ukuthi zizohlomul­isa iqembu, “kusho uDikgacoi.

Ngo-Okthoba 20, i-Eagles izobhekana neTS Galaxy eChatswort­h Stadium ngo-3.30 ntambama.

“Ziningi izindawo okusamele siqinise kuzona. Ngizobanik­a izinsukwan­yana zokuphumul­a bese bebuyela ensimini ukuze silungise amaphutha ethu. Kufanele kushaye isikhathi sokubuya ekhefini leFifa sesikulung­ele ukubhekana neTS Galaxy,” kuphetha uDikgacoi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa