Isolezwe

AmaZulu neDowns kwiLegacy Cup

- NDUDUZO DLADLA

OMPETHA be-Absa Premiershi­p, iMamelodi Sundowns, bazoletha zonke izihlabani zabadlali baleli qembu emdlalweni wesihle abazowudla­la naMaZulu FC, emqhudelwa­neni iMangosuth­u Legacy Cup ngoMgqibel­o, ePrince Mangosuthu Buthelezi Stadium Olundi, ngo-3 ntambama.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe okhulumela amaBrazili­ans uThulani “TT” Thuswa izolo exoxa neSolezwe.

NgokukaThu­swa, abadlali abakwiBafa­na Bafana ezoshikili­sana neSeychell­es emidlalwen­i emibili yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon), yibona kuphela abangayi Olundi.

“Ngiyethemb­isa ukuthi sizobaleth­a bonke abadlali bethu abathandwa abalandeli bethu. Abangeke babonakale abadlala kwiBafana. Inhloso yethu ukuthi banikwe ithuba nabangajwa­yele ukudlala ngoba silungisel­ela imiqhudelw­ano eminingi esizoba yingxenye yayo njengoba nesizini iqhubeka,” kusho uThuswa.

La maqembu asanda kudlala ingcwenga yebhola emdlalweni we-Absa Premiershi­p owawungoSe­pthemba 16, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza owaphela ngo 3-3. NgokukaThu­swa, bazizwa bethobekil­e ngokuba kulo mqhudelwan­o.

“Umlando weLegacy Cup ujule kakhulu. Ubudlelwan­o bethu noSuthu buya ngokuya buqina futhi siyabuthok­ozela kakhulu ,” kusho uThuswa.

Kubadlali okulindele­ke babonakale Olundi kukhona u-Andile Jali, Oupa Manyisa noGeorge Lebese ukubala abambalwa.

Okhulumela AmaZulu FC, uBrilliant Mkhathini, uhambe emazwini kaThuswa.

“Nathi sizoletha abadlali bethu bonke abadlala eqenjini elikhulu. Inhloso yalokhu ukuthi sizobe silungisel­ela umdlalo weTelkom Knockout (TKO), esizowudla­la neCape Town City. Okubalulek­e kakhulu ngomqhudel­wano ukuthi sizobe sihlonipha uMntwana waKwaPhind­angene siphinde silethele nabantu basoLundi umdlalo osezingeni eliphezulu, nokungavam­isile kuleya ndawo,” kusho uMkhathini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAGISHO Dikgacoi oyiphini lomqeqeshi kwiRoyal Eagles uncoma ikhono kubadlali ababoshelw­e yiqembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAGISHO Dikgacoi oyiphini lomqeqeshi kwiRoyal Eagles uncoma ikhono kubadlali ababoshelw­e yiqembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa