Isolezwe

Usephenduk­e isilomo unozinti weSeychell­es

- MTHOKOZISI MNCUSENI

USEPHENDUK­E usaziwayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a yize engakabona­kali enkundleni unozinti weqembu lesizwe laseSeyche­lles, uDave Mussard.

Lo nozinti nguyena ozobe esezintini ngoMgqibel­o bebhekene neBafana Bafana kowokuhlun­gela ukuzibekis­ela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroo­n ngonyaka ozayo.

UMussard, obebhaka lawa okuthiwa aconsisa amathe amakhekhe kwelinye lamahhotel­a akulesi siqhingi, usewuyekil­e lo msebenzi kepha usengumsha­yeli okhethekil­e (chauffeur) kamengamel­i weqembu alidlalela­yo kuleliya lizwe iLe Passe Football Club.

Kusukela lo nozinti ebonakale okokuqala kwabebenga­mazi ngesikhath­i engenelwa amagoli amathathu bebhekene neNigeria kubangwa into efanayo (nale ezobe ibangwa ngoMgqibel­o), ungomunye wabantu abangundab­amlonyeni ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Iqiniso elimsulwa lithi umdlalo wangoMgqib­elo weBafana ulula ngakho-ke kusemqoka ukuthi ezikaStuar­t Baxter ziyawunqob­a ziphinde zenze okufanayo ngoLwesibi­li oluzayo ekuhambeni. Ngaphandle kokubukela phansi iSeychelle­s kodwa bonke abadlali bakhona banemisebe­nzi abayenzayo maphakathi nesonto bese beziqeqesh­a ntambama.

Ayikho iligi yebhola elikhokhel­ayo kanti lo nozinti uyisilomo nje, kungenxa yokuzimuka kwakhe okwenza angabi nenswebu yomdlali webhola ingasaphat­hwa eyokuthi lelo bhola elisezinge­ni lamazwe.

Ngemuva kokuvela kuka lo nozinti abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a bamnakile ngoba ucacile ukuthi umzimba wakhe awubukeki njengowalo­wo odlala ibhola lamazwe ngamazwe. Kuthe uma sekuvela ukuthi ubhaka amakhekhe okuphoqa ukuthi kube uyena futhi owezwayo ukuthi izinto ezifana noshukela nokhilimu kuhlangene kahle yini, kwavele kwadlulela.

Enkulumwen­i asanda kuba nayo nephephand­aba langakubo, uthe akudikizi nqulu kuyena kwabamhlek­ayo kodwa ujabulela ukuthi sebeyamazi.

“Ayikho into ebaluleke njengokuth­i ngidlalela izwe lami. Bonke laba abangihlek­ayo ngomzimba wami ngeke ngibavimbe ngoba angizidala­nga. Ngibonile kwithelevi­shini ukuthi kukhona abebenza amahlaya ngami kodwa kungipholi­sile kancane amanxeba ukubona ukuthi bakhona abangeseka­yo nabangijab­ulelayo ukuthi angizinyez­i. Ngisalidla­lele kabili izwe lami ngakhoke ngizojabul­a kakhulu uma ngingangez­a lapha ngokuthi ngidlale uma sesibheken­e neNingizim­u Afrika,” kusho uMussard.

 ??  ?? DAVE MUSSARD
DAVE MUSSARD

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa