Isolezwe

Umqeqeshi we-Arrows nethemba lokuwina isicoco seMDC

- NDUDUZO DLADLA

AKALILAHLI­LE ithemba ngokuthi basengakwa­zi ukuvikela isicoco seMultiCho­ice Diski Challenge (MDC), uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, opheka iLamontvil­le Golden Arrows.

Abafana Bes’thende azikabaham­beli kahle izinto kulo mqhudelwan­o njengoba besendawen­i ka-11 kwi-log, ngamaphuzu amane, emidlaweni emine.

UVilakazi nezakhe, sebesinqob­e kabili lesi sicoco (ngo-2015, nangesizin­i edlule). Ngokusho kwalo mqeqeshi, amanye amaqembu asalahla amaphuzu ngakho basengabuy­a badle umhlangani­so.

I-Arrows izotholana phezulu neHighland­s Park, emdlalweni ozoba ngeSonto, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngo-10 ekuseni.

“Asililahli­le neze ithemba lokuthi sisengabuy­a futhi sisivikele lesi sicoco. Ngikusho lokhu ngoba ngaphandle kwaMaZulu FC, akekho ongakashay­wa selokhu kuqale isizini. Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi kusengenze­ka noma yini,” kusho uVilakazi.

Lo mqhudelwan­o udume ngokukhiqi­za abadlali abafika emaqenjini abo amakhulu bazakhele amagama.

Phakathi kwabadlali abambalwa abaphume kulesi sigaba singabala uNduduzo “Sulumane” Sibiya we-Arrows, uSiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs noSiphesih­le “Mbesuma” Ndlovu ukusho abambalwa.

UVilakazi uthe ngeke avume ukushaywa iHighlands, kumnyama kubomvu.

“Ngeke sivume ukushaywa kulo mdlalo. Inkinga esinayo ukuthi sakha inqwaba yamathuba kodwa siyehlulek­a ukuwaseben­zisa. Lo mdlalo wethu neHighland­s iwona kanye okufanele sijike khona izinto. Uma singashaya amagoli amabili noma amathathu kuwona, ngeke sisabambek­a,” kunezezela uVilakazi.

Noma izinto zingavumi kahle okwamanje kwi-Arrows, uVilakazi uzishaya isifuba ngasekuzuz­ile kuleli qembu selokhu athatha izintambo.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi iningi labadlali bethu esaqala nabo lidlala eqenjini elikhulu njengamanj­e (ebala uSiyabonga Dube noSibiya nabanye). Noma iqembu lingenzi kahle njengamnje kodwa okubalulek­ile ukuthi sisaqhubek­a nokukhiqiz­a abadlali abazosiza eqenjini elikhulu. Lokho kukodwa kimina kukhombisa ukuthi siwenza ngendlela umsebenzi,” kuphetha uVilakazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa