IBanyana idlale kahle kakhulu: Van Wyk
UBABAZA umoya wobumbano ohelezayo kwiBanyana Banyana ukaputeni weqembu lesizwe, uJanine van Wyk, athi yiwona obaholele ekutheni bakwazi ukubambela ekhaya iChile emdlalweni wobungani izolo ekuseni.
IBanyana idlale ngokulingana kuba wu 2-2 nelinye lamazwe angcono emhlabeni ebholeni labesifazane. Umdlalo wokuqala waphela ngo 2-1 kunqoba iChile.
IBanyana ibisebenzisa imidlalo ukuzicijela iWomen Africa Cup of Nations (Afcon) engenyanga ezayo ezweni elisazomenyezelwa.
Umqhudelwano ungomqoka emazweni ayisishiyagalombili azobe encintisana kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo.
“Lidlale kahle kakhulu iqembu ebusuku (esho izolo). Selizakhele igama ngokuba nomoya wokulwa eliwukhombisile. Ngiyaziqhenya kakhulu. Uma kukhulunywa iqiniso bekufanele siwunqobe umdlalo. Kodwa sizoqhubekela phambili noma zikhona izinselelo,” kusho uVan Wyk ekhasini lakhe kwi-twitter.
Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, uvumelene naye kwelokuthi bekumele umdlalo bawunqobe. Ukhale ngezinqumo zikanompempe ezibenzele phansi.
“Ngicabanga ukuthi bekumele siwunqobe umdlalo. Sakhe inqwaba yamathuba ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Angicabangi ukuthi umphumela uveza lokhu obekwenzeka enkundleni. Ziningi izinqumo ebezingasivuni, ngisho nalezi obekumele zivune thina. Kodwa-ke siqhubekile nokwenza lokhu obekumele sikwenze. Sawuhlaziya umdlalo wokuqala, kulokhu besikulindele konke abebekwenza,” kusho u-Ellis.
IBanyana ibuye eNingizimu Afrika namuhla ekuseni. Maduze izoqala ikhempu yokulungiselela i-Afcon.
Ngo-Okthoba 21 kuzoqhathwa amazwe azodlala okuyiBanyana, iNigeria, Algeria, Equatorial Guinea, Mali, Zambia, Cameroon neZimbabwe.
U-Ellis uthe uzosebenzisa lesi sikhathi ukulungisa izindawo abasaxega kuzo.
IChile yona esizibekisele indawo eFrance, ishaye amagoli ngama-free kicks.
“Asilona iqembu elinabadlali abade. Kwesinye isikhathi bekumele unozinti asisize. Sizoyibuka imidlalo njengoba nginesiqiniseko sokuthi namazwe esizodlala nawo azosibheka. Kusemqoka ukuthi sivale kangcono emuva ikakhulukazi uma kushaywa amakhona namafree kick,” kusho- Ellis.