Isolezwe

Angibanaki ukuthi bathini abantu: Tau

- MAZOLA MOLEFE

ISILOMO somdlali weBafana Bafana, uPercy Tau, asizinaki izinkulumo zabakubuka njengokubu­yela emuva ukuyodlala kwaso kwiligi ephansi yaseBelgiu­m.

UTau usayiniswe yiqembu elidlala kwi-English Premier League, iBrighton & Hove Albion ekuqaleni kwesizini esuka kwiMamelod­i Sundowns ngemali elinganise­lwa ku-R50 million.

Nokho akakwazang­a ukuyodlala kwiPremier League ngenxa yemibandel­a eqinile yokuthola imvume yokusebenz­a e-England.

Ube esebolekis­wa kwiRoyale Union Saint-Gilloise edlala esigabeni esiphansi eBelgium. Useshaye amagoli amabili wakha amane selokhu kuqale isizini.

Kube nezinkulum­o ngokubolek­iswa kwakhe eBelgium, abanye bethatha lokhu njengokweh­lisa izinga lakhe. Kodwa uTau ezikhulume­la yena esekhempin­i yeBafana uthe akazinaki lezi zinkulumo.

“Angicabang­i ukuthi ngingakwaz­i ukumelana nemibono yabo bonke abantu. Siphila emphakathi­ni lapho wonke umuntu enendlela abuka ngayo izinto. Ngokwami nje lena yindlela ehlukile engiyikhet­hile. Sengike ngenza okufanayo. Ngaya kwiWitbank Spurs (ebolekiswe iSundowns) futhi kwaba nomvuzo omkhulu.

“Angikaze ngingabaze ngezinqumo engizithat­hayo iningi labantu elingavume­lani nazo. Kuhlezi kumnandi ukukholelw­a kuwena nokuthi izinto zizogcina zilungile futhi-ke umhlaba mncane, uma use-Europe iFrance ayikude ngakho mina angiyiboni inkinga,” kusho uTau.

Ngokwakhe isinqumo seBrighton sokumbolek­ise kwaba wukumsiza ekutheni ajwayele impilo nendlela yokudlala yaphesheya.

Uthe nendlela yokudlala eqenjini lakhe akayixwayi ngoba uzibona njengomdla­li okwazi ukudlala ezindaweni ezehlukene.

“Sidlala i-4-4-2, okungabaga­dli ababili. Sibabili (noYoussouf­ou Niakate) osenamagol­i awu-14 emidlalwen­i ewu-10. Kumele sisize ekuvaleni emuva. Siyalekele­lana kulokho,” kusho uTau.

NgoMgqibel­o uTau uzobe engomunye wababhekiw­e ekutholele­ni iBafana amagoli uma isidlala neSeychell­es kowokuhlun­gela i-Africa Cup of Nations (Afcon).

Umdlalo useFNB Stadium ngo-3 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weBafana Bafana uPercy Tau uthi akabanaki labo abakubona njengokush­ona phansi ukudlala kwakhe eBelgium
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weBafana Bafana uPercy Tau uthi akabanaki labo abakubona njengokush­ona phansi ukudlala kwakhe eBelgium
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa