Isolezwe

UHunt uklolodela abebemgxek­a ngabadlali

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weBidvest Wits, uGavin Hunt, uklolodela bonke ababethi uyasangana ngesikhath­i eqinisa isikwati sakhe ngabadlali abathile kodwa manje usethishwa ukuba adle isicoco sakhe sesibili seligi neZitshude­ni okuzobe sekungokwe­sine esiphakami­sa.

Phakathi kwabadlali abavezile uHunt ukuthi ugxekwe kakhulu ngabo ubale uKeagan Ritchie. URitchie, oke wadlala kwiKaizer Chiefs, Bloemfonte­in Celtic nakwiSuper­Sport United, uyena olamulele iWits kukubi ilandela ngemuva kwiMamelod­i Sundowns ngeSonto.

Ngaphandle kukaRitchi­e, uHunt uqinise ngoDeon Hotto waseNamibi­a, Gift Motupa oshiye kwi-Orlando Pirates ebheke kwiChippa United kodwa kwaphinde kwashintsh­a esethathwa yileli qembu elizihola phambili kwi-log ye-Absa Premiershi­p.

“Kunabantu abebengits­hela ekhaleni ukuthi ngiyasanga­na ekhanda ngokusayin­isa uRitchie ngoba usehluleki­le emaqenjini amaningi. Buka manje uyena osilamulel­a kunzima. Abantu bebengabhe­ki ukuthi yini edala ukuthi ngisayinis­e ngendlela engenze ngayo kodwa mina bengazi ukuthi ngenzani. Iningi labadlali esibalandi­le bebengalan­delwa ukuzodlala endaweni eyodwa kepha kweziningi,” kusho lo mqeqeshi.

URitchie oshaya ingcwenga ye-freekick eshiye uDennis Onyango elele, udlala maphakathi nenkundla esiswini okuyindawo ehluke kakhulu kunale aziwa kuyona emuva ngakwesoku­nxele.

Kuyona le nkulumo uHunt uzwakalise ukungalija­buleli ikhefu leFifa eliqhubeka­yo ngoba uba nenkinga yokubuyise­la abadlali bakhe emgqigqwen­i uma sebebuya emaholidin­i.

“Iqembu lami sengilifun­de kahle. Singcono uma sidlala kaningi eduze. Njengoba sizohlala singadlali kuzosiphaz­amisa emgqigqwen­i wethu. Yebo sizoyidlal­a eyobungani kodwa sonke siyazi ukuthi ayisondeli nakancane kweyePremi­ership ngokushuba,” kusho uHunt.

Emdlalweni olandelayo wePremiers­hip iWits izobhekana neHighland­s Park eBidvest Stadium ngo-Okthoba 26 ngo-8 ebusuku.

 ??  ?? GAVIN HUNT
GAVIN HUNT

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa