Usephenduke isilomo unozinti weSeychelles
USEPHENDUKE usaziwayo ezinkundleni zokuxhumana yize engakabonakali enkundleni unozinti weqembu lesizwe laseSeychelles, uDave Mussard.
Lo nozinti nguyena ozobe esezintini ngoMgqibelo bebhekene neBafana Bafana kowokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroon ngonyaka ozayo.
UMussard, obebhaka lawa okuthiwa aconsisa amathe amakhekhe kwelinye lamahhotela akulesi siqhingi, usewuyekile lo msebenzi kepha usengumshayeli okhethekile (chauffeur) kamengameli weqembu alidlalelayo kuleliya lizwe iLe Passe Football Club.
Kusukela lo nozinti ebonakale okokuqala kwabebengamazi ngesikhathi engenelwa amagoli amathathu bebhekene neNigeria kubangwa into efanayo (nale ezobe ibangwa ngoMgqibelo), ungomunye wabantu abangundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana.
Iqiniso elimsulwa lithi umdlalo wangoMgqibelo weBafana ulula ngakho-ke kusemqoka ukuthi ezikaStuart Baxter ziyawunqoba ziphinde zenze okufanayo ngoLwesibili oluzayo ekuhambeni. Ngaphandle kokubukela phansi iSeychelles kodwa bonke abadlali bakhona banemisebenzi abayenzayo maphakathi nesonto bese beziqeqesha ntambama.
Ayikho iligi yebhola elikhokhelayo kanti lo nozinti uyisilomo nje, kungenxa yokuzimuka kwakhe okwenza angabi nenswebu yomdlali webhola ingasaphathwa eyokuthi lelo bhola elisezingeni lamazwe.
Ngemuva kokuvela kuka lo nozinti abaningi ezinkundleni zokuxhumana bamnakile ngoba ucacile ukuthi umzimba wakhe awubukeki njengowalowo odlala ibhola lamazwe ngamazwe. Kuthe uma sekuvela ukuthi ubhaka amakhekhe okuphoqa ukuthi kube uyena futhi owezwayo ukuthi izinto ezifana noshukela nokhilimu kuhlangene kahle yini, kwavele kwadlulela.
Enkulumweni asanda kuba nayo nephephandaba langakubo, uthe akudikizi nqulu kuyena kwabamhlekayo kodwa ujabulela ukuthi sebeyamazi.
“Ayikho into ebaluleke njengokuthi ngidlalela izwe lami. Bonke laba abangihlekayo ngomzimba wami ngeke ngibavimbe ngoba angizidalanga. Ngibonile kwithelevishini ukuthi kukhona abebenza amahlaya ngami kodwa kungipholisile kancane amanxeba ukubona ukuthi bakhona abangesekayo nabangijabulelayo ukuthi angizinyezi. Ngisalidlalele kabili izwe lami ngakhoke ngizojabula kakhulu uma ngingangeza lapha ngokuthi ngidlale uma sesibhekene neNingizimu Afrika,” kusho uMussard.