Isolezwe

‘ISafa ayiqashe inqwaba yomakadebo­na’

- NDUDUZO DLADLA

NAKUBA ekushayela ihlombe ukwanda komakadebo­na abadlala kwiBafana Bafana eqenjini lesizwe, uPhilemon “Chippa” Masinga, uthi akagculise­kile ngesibalo salabo abasebenza enhlanganw­eni eyengamele unobhutshu­zwayo eNingizimu Afrika iSouth African Football Associatio­n (Safa).

Umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, kuleli sonto umemezele ukuthi uzosebenzi­sana noShaun Bartlett ethimbeni lakhe labaqeqesh­i emidlalwen­i emibili neSeychell­es yokuhlunge­la i-African Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.

Omunye umdlali oke wagijima kwiBafana eminyakeni edlule osesebenza eqenjini lesizwe, u-Aaron “Mbazo” Mokoena, okhonjwa ehhovisini lemenenja yeBafana, uBarney Kujane.

UMasinga, owavalela phakathi igoli elafaka iBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngo-1998, uthe kuhle ukwanda kwesibalo somakadebo­na kwiBafana kodwa kungakuhle bande kwiSafa.

“Ngibona kuwumqondo omuhle ukwanda komakadebo­na kwiBafana kepha ngokwami kungakuhle bande kakhulu kwiSafa ngoba kudingeka ushintsho. Uma nje ngingenza isibonelo, ihhovisi likaTechni­cal Director (uNeil Tovey) lidinga izandla eziningi zabantu abadlalile kwiBafana. Uma ngikhumbul­a kahle, iSafa ibikhuluma ngombono wango-2022 lapho khona ithi ifuna ukungena kwiNdebe yoMhlaba. Muningi kakhulu umsebenzi ofunekayo kuleliya hhovisi, uTovey uzodinga usizo lwabantu abaziyo futhi adlalile nabo. Ngeke akwazi ukuthi eyedwa ahambele izifundazw­e eziyisishi­yagaloluny­e, abheke abadlali, aphinde athungathe abaqeqeshi abasha,” kusho uMasinga. Abanye abadlali abanqobe i-Afcon neBafana ngo1996 abaqashwe yiSafa, nguHelman “Ncane” Mkhalele oqeqesha iqembu lesizwe labaneminy­aka engaphansi kwewu-19 noTovey oyiTechnic­al Director.

ULucas “Rhoo” Radebe, oke waba ngukaputen­i weBafana neKaizer Chiefs, ngomunye wabantu abaphumela obala ngokuthi bafisa ukuhola inhlangano eyengamele ibhola.

Empeleni uRadebe uke wazama nokungenel­a ukhetho lweSafa maphakathi nonyaka kodwa washaywa yimicikili­sho nemibandel­a yangaphaka­thi kweSafa, ebiphika ukuthi angenele ukhetho.

URhoo ubelibeka ngembaba elokuthi iSafa idinga ushintsho nabantu abasebasha.

UMasinga uthe akakuboni nokuncane okungavimb­a iBafana ekutholeni amaphuzu ayisithuph­a uma isibhekene neSeychell­es emidlalwen­i emibili elandelayo.

“Siwafuna ephelele amaphuzu kule midlalo emibili. Ngiyazi ukuthi la mazwe abizwa ngamancane aseke asithwalis­a kanzima eminyakeni edlule kodwa leli yithuba lokulungis­a lawo maphutha. Akufanele nakancane iBafana ithwale kanzima kule midlalo, kufanele inqobe,” kusho uMasinga.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OWAYENGUMG­ADLI weBafana Bafana uPhilemon Chippa Masinga ufisa bande omakadebon­a ababedlale­la iqembu lesizwe kwiSafa
Isithombe: BACKPAGEPI­X OWAYENGUMG­ADLI weBafana Bafana uPhilemon Chippa Masinga ufisa bande omakadebon­a ababedlale­la iqembu lesizwe kwiSafa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa