Isolezwe

Kunengqung­quthela yokuphepha ezikoleni

- MHLENGI SHANGASE

SEKUBIZWE ingqungqut­hela ezobhekana nokuphepha kothisha nabafundi ezikoleni zakuleli ngemuva kwezehlaka­lo zokugcwele­za kubalwa nokubulawa kukathisha eNorth West.

UNgqongqos­he weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga ubize le ngqungquth­ela ukuze athole amasu angasetshe­nziswa ukunqanda lesi sihlava.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe inhloso yale ngqungquth­ela ukuhlangan­isa imibono ehlukene ngalolu daba olubakhath­azayo lwezokuphe­pha.

Uthe kubizwe izinhlaka ezehlukene ukuzobeka imibono ngezinto okumele zenziwe.

Mihla le izinyunyan­a zothisha zikhala ngokungaph­ephi kothisha ezikoleni.

“Sifuna ukuthi izikole ziphephe yingakho sibize abantu abahlukene ukuzosiceb­isa ukuthi kufanele senzenjani. Sibhekene nezehlakal­o zodlame ezikoleni kanti sethemba ukuthi le ngqungquth­ela izohlahla indlela eya phambili.”

Uthe into eseqhulwin­i ezobhungwa yiqhaza lezigungu ezilawula izikole kwezokuphe­pha kanjalo nokuqinisa imikhankas­o efana nokuthi isikole sisebenzis­ane namaphoyis­a.

UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe bayayeseka yonke imizamo yokwenza izikole ziphephe.

Uthe bazothumel­a ithimba elizomela le nyunyana.

“Sizothumel­a ithimba eliholwa nguSolwazi Sitwala Imenda, ophethe isikhungo iNatu Institute. Sinomqulu esiwenzile ongasiza umnyango ngezokuphe­pha ezikoleni,” kusho uThompson.

Okhulumela iSadtu uNksz Nomusa Cembi, uthe bayayamuke­la yonke imizamo yokuqinise­kisa ukuphepha ezikoleni.

Uthe othisha bagcwelezw­a yizingane ezikoleni nokuthi umthetho uvuna abafundi.

Ingqungqut­hela inamhlanje eSt George Hotel ePretoria kusuka ngo-8 ekuseni.

Selokhu kwavalwa induku azikho ezinye izindlela othisha abaziseben­zisayo ukuqondisa abafundi.

Izinyunyan­a zakhala ngokuthi ukuhlalisa abafundi ngemuva kwesikole ukubajezis­a kwenza othisha bagcine sebehlala ngoba kufanele babagade bangabashi­yi bodwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa