Isolezwe

Sihlupheki­swa ngenhloso yokugaya amavoti

-

MHLELI: Indlela asebephawu­la ngayo abaholi bezepoliti­ki iyakhomba ukuthi ukhetho seluseduze. INingizimu Afrika isenkingen­i yobubha.

Uma uhamba cishe kuzo zonke izindawo ezihlala abantu abamnyama, izixongolo­lo emigwaqwen­i. Njengokuli­ndelekile iningi kusuke kuyintsha. Amaqembu ezombusazw­e ajabula afe uma kunje ngoba ukwanda kwabantu abahluphek­ayo kusho ukwanda kwabantu abaphethe ivoti. Kuliqiniso ukuthi amaqembu akhankasa ezindaweni ezifana nasemaloki­shini, emakhaya, emijondolo nasemahost­ela kuphela. Uma kukhankasw­a ezindaweni ezihlala abantu abangahlup­heki kufakwa izingqwemb­e emgwaqweni kuphela. Abayi bona siqu ngoba abantu abanemali abalaleli noma ubani futhi benjalo nje banenkulul­eko yokubuza noma yini abangayiqo­ndi kahle.

Kulihlazo ukuthi iNingizimu Afrika isenengxen­ye yomphakath­i ojabulela ukuphiwa isikibha sikasopoli­tiki esibiza uR15. Kulihlazo ukuthi sisengumph­akathi ojabulela ukuthi usopolitik­i thizeni ubesiphath­ele izijumbane zokudla okunikelel­wa ngamaSulum­ane okunye okusuke sekudlulel­we yisikhathi.

Uma ngike ngathola ithuba lokukhulum­a emphakathi ngihlale ngibelulek­a abantu ngosombusa­zwe. Osopolitik­i abanandaba nawe, into abayifuna kuwe yivoti lakho nje kuphela. Uma usubavotel­e kusuke sekulungil­e. Njengoba kuza ukhetho nje imikhankas­o izobe ithe chithi saka.

Ngingajabu­la uma kwenye yamarali ungabuza umholi okhankasay­o ukuthi njengoba elapha nje zikuphi izingane zakhe. Impendulo elindeleki­le ingase ithi ziphesheya noma zikhonjwe kwesinye isifundazw­e okanye zisekhaya kukhona okuzibambi­le nazo bezifisa ukuza lapha. Izingane zosopoliti­ki zihlala koKloof, Randburg, Silverton nakoSandto­n.

Uma sonke singahlala ezindaweni ezifana noFourways no-Elado Spark bayazi ukuthi akukho muntu ongaphinde azixake ngendaba yokulalela­na nabo yingakho bengafuni ukuthi kuphele imijondolo nabantu abahlwempu.Yize i-ANC kuyilona qembu lezombusaz­we elinomland­o ocace bha mayelana nokukhulul­wa komuntu omnyama emaketangw­eni obandlulul­o kodwa nayo isisezandl­eni zabantu abazicaban­gela bona. Ufakazi wakhokonke lokho amakhomish­ini aphenya ngenkohlak­alo cishe kuyona yonke iminyango kahulumeni nakuyena uhulumeni uqobo. Selokhu izintambo zithathwe nguMengame­li Ramaphosa kuvela amahlazo wodwa ngosombusa­zwe baseNingiz­imu Afrika.

Ngeshwa ke alikho iqembu lezombusaz­we elingenza kangcono kunaleli elikhona njengamanj­e. Yini nje esile umphakathi waseNingiz­imu Afrika ongayilind­ela kwiDA, IFP, COPE noma i-UDM. Kucishe kube ngconywana okwe-EFF ngoba yona ingenza abantu abamnyama babumbane yize ngingazi ukuthi ingalibona yini elidlalayo ekukhulise­ni umnotho. Eugine Biyela

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa