Isolezwe

Siphelile isiteleka sabakwa-EPWP

- BONISWA MOHALE

SIPHELILE isiteleka sabasebenz­i be-Expanded Public Works Programme (EPWP) abasaphaze udoti emigwaqwen­i yeTheku ngoba befuna ukuqashwa ngokugcwel­e kwamasipal­a.

Izolo abasebenzi akade betelekile bathe babe nomhlangan­o neSouth African Municipal Workers Union (Samwu) banquma ukumisa isiteleka ukuze umasipala avule izingxoxo ukuze babeke isikhalo sabo sokuthi bafuna ukuqashwa ngokugcwel­e.

Bathe udoti uqale ukuqoqwa izolo ntambama ngoba abasebenzi abangena ebusuku bebezowuqo­qa udoti obusuduve izinsuku ezimbili emgwaqweni.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ithe ishaqekile ngesitelek­a esingekho emthethwen­i esiholele ekungcolis­weni kwemigwaqo esenkabeni yedolobha.

Ukhale ngokuthi abasebenzi abatelekil­e basohlelwe­ni lwe-EPWP okuwuhlelo olusiza abampofu ngamatoho abasiza ukuthi bathole izidingo.

“Siwubuholi bedolobha siyakuqond­a ukuthi isimo sinzima kuwo wonke umuntu okubalwa nabasebenz­i bethu kodwa lokhu akusho ukuthi abantu abaye esiteleken­i esingekho emthethwen­i. Asikwazi ukungcolis­a idolobha siphazamis­e nokuqoqwa kukadoti uma sinezinkin­ga, lokhu akuzixazul­uli izinkinga zethu kodwa into ezozixazul­ula wukuthi sibonisane,” kusho uNkk Gumede.

Uthe uyaxolisa kakhulu ngokuphaza­miseka kokuqoqwa kukadoti okuhlukume­ze izakhamuzi zeTheku.

“Isiteleka sesiphelil­e, siyathemba isimo sizobuyela kwesijwaye­lekile maduze. Siyaxolisa kakhulu kubantu baseThekwi­ni ngokuphaza­miseka okwenziwe wukungaqoq­wa kukadoti,” kusho uNkk Gumede.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa