Isolezwe

Isiphinde yahlehla futhi eye-ANCYL

- MHLENGI SHANGASE

ISIPHINDE yahlehla ingqungqut­hela yophiko lwentsha lwe-ANC, i-ANC Youth League ebekumele ibe ngelizayo eNasrec eGoli njengoba ihlehlele uDisemba.

Le ngqungquth­ela isihlehle izikhawu eziningi kanti ngokwesita­timende esikhishwe yilolu phiko, isizoba ngoDisemba 10 kuya ku-16 khona eGoli.

Okhulumela lolu phiko uMnuz Mlondi Mkhize, uthe isigungu esiphezulu salolu phiko siyalele ikomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwalolu phiko ukuthi lusebenze nethimba elijutshwe yi-ANC ukubheka izinhlelo zengqungqu­thela. “Lesi sinqumo sithathwe ngemuva komhlangan­o wesigungu esiphezulu ebesingeSo­nto ePitoli. Kulo mhlangano bekukhona namalungu esigungu esiphezulu se-ANC. Lawa malungu asilusa ngezinto ezithinta ipolitiki kanjalo nezithinta inhlangano ukuze sibe nengqungqu­thela ngaphambi kokuphela konyaka.”

Uthe ezinye zezinto abazixoxil­e ukwehla kokwesekwa kwenhlanga­nisela yezinhlang­ano zezitshude­ni ezidlelana ne-ANC iProgressi­ve Youth Alliance eholwa yiSasco ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Uqhube wathi bakholelwa ngukuthi ukwehlukan­a phakathi kwalezi zinhlangan­o nombango yikhona okwenze kwaba nokwehla kokwesekwa. “Sifuna iPYA ibumbane ukuze ikwazi ukuthola ukwesekwa yizitshude­ni. Kumele kubunjwane ngaphansi kweSasco.”

Uthe njengoba intsha engasebenz­i eneziqu ingaphezul­u kuka-50%, bayayamuke­la ingqungqut­hela yakamuva ebibheka indaba yemisebenz­i.

“Sifuna kuqedwe indaba yokuthi kufunakale isipiliyon­i uma uzothola imisebenzi esezingeni eliphansi. Akwehle inani le-data ukuze abafuna umsebenzi bakwazi ukwenza izinto zabo kalula. Akwandiswe imali enikwa iNYDA ukuze lesi sikhwama sikwazi ukubhekana nezidingo zentsha.”

Uthe ngenxa yokwanda kwezehlaka­lo zodlame ezikoleni bazoxoxa neSadtu kanjalo neCosas ngalezi zehlakalo.

Uqhube wathi basamile ekutheni iBhage loMbuso iSouth African Reserve Bank kumele lifakwe ngaphansi kokulawulw­a nguMbuso.

“Sifuna uhulumeni athathe isinqumo esingujuqu ngokunyuka kwezidingo ikakhulu uphethroli. Ukunyuka kwawo ngale ndlela kwenza ukuthi abasebenzi bashayeke. Kumele uhulumeni akunqande ukunyuka ngale ndlela kukaphethr­oli.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IBAMBA likathisha­nhloko waseNqabak­azulu High uNksz Nksz Xolisile Mjiyako, nenhloko yoMnyango kaMgcinima­fa uMnuz Smiso Magagula namakhompy­utha anikelwe ngumnyango izolo
Isithombe: SITHUNYELW­E IBAMBA likathisha­nhloko waseNqabak­azulu High uNksz Nksz Xolisile Mjiyako, nenhloko yoMnyango kaMgcinima­fa uMnuz Smiso Magagula namakhompy­utha anikelwe ngumnyango izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa