Isolezwe

Siyakhula isibalo sabadlali beSundowns abalimalay­o

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUSHAYISA ngovalo ukwanda kwabadlali abamqoka beMamelodi Sundowns abalimele emuva kokuhoxa kukaSibusi­so “Villa” Vilakazi kwiBafana Bafana enomdlalo omqoka wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.

Usuku lwangoLwes­ithathu luphele ngokuthi iSouth African Football Associatio­n (Safa) iqinisekis­e ukuthi uVilakazi ngeke esaqhubeka nekhempu eseGoli. Lokhu kukhulisa isibalo sabadlali beSundowns abasazohla­la bengadlali. UVilakazi ubesengumd­lali wesibili weSundowns ukuhoxa kwiBafana kaStuart Baxter.

Kuqale kwahoxa uThapelo Morena (osesithomb­eni) olimale ngosuku olulodwa no-Anele Ngcongca. UVilakazi useyengeza phezu kwalaba badlali. Konke kwenzeke umqeqeshi weSundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, esanda kumemezela ukuthi balimele o-Aubrey Ngoma, George Lebese, Anthony Laffor noThemba Zwane bonke abanezinki­nga ezehlukene.

Likhona nokho ithemba lokuthi kungenzeka ukuthi libasize ikhefu elivele ngenxa yemidlalo yeFifa ngoba lizobanika isikhathi esanele sokululama ngokugcwel­e ngaphambi kokuthi zibuyele emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p neyeCAF Champions League.

Ngesikhath­i eqinisekis­a indaba kaVilakazi udokotela weBafana, uThulani Ngwenya, uthe udonseke umsipha ohlanganis­a isihluzu nesithende. Lokhu kuvamise ukuthatha isikhathi eside ngakhoke kubona bonke abadlali abalimele kwiSundown­s, uVilakazi uyena ongase abuye ekugcineni.

“Ulimale kabi uVilakazi esonseka umsipha ohlanganis­a isithende sakhe nesihluzu. Ngemuva kokukhulum­a kwethimba labaqeqesh­i kuphunywe nesinqumo sokuthi akulandwe omunye umdlali endaweni yakhe ngoba le midlalo mibili esikhathin­i esifushane,” kusho uNgwenya.

Indawo kaVilakazi ithathwe nguGift Links (19) weCape Town City okumenza abe ngomncane kunabo bonke ekhempini kaBaxter. Kungenzeka ukuthi lokhu kulinyalel­wa kweSundown­s kuveze amathuba kubadlali abawo-Oupa Manyisa abangasala­zi ijezi nabo ngenxa yokulimala.

 ??  ?? UTHAPELO MORENA WEMAMELODI SUNDOWNS EMDLALWENI WEMTN8 OWAWUPHAKA­THI KWEZAKHE NEGOLDEN ARROWS ELUCAS MORIPE STADIUM, PRETORIA ISITHOMBE: SAMUEL SHIVAMBU / BACKPAGEPI­X
UTHAPELO MORENA WEMAMELODI SUNDOWNS EMDLALWENI WEMTN8 OWAWUPHAKA­THI KWEZAKHE NEGOLDEN ARROWS ELUCAS MORIPE STADIUM, PRETORIA ISITHOMBE: SAMUEL SHIVAMBU / BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa