Isolezwe

IComrades ikhuphule imali yabazodla ubhedu

- LUNGILE MAJOKA

USALE elolekile umpetha wanyakenye weComrades Marathon, uBongmusa Mthembu, ngemali elinganise­lwa ngaphezulu kuka-R1 million engatholwa umgijimi ozogila izimanga ngonyaka ozayo.

Izolo ngesikhath­i kwethulwa umjaho wango-2019 onesiqubul­o esithi “Sizonqoba”, abahleli baveze ukuthi isinyukile imali ezohlonyul­wa umpetha wesifazane nowesilisa. Umjaho uzokuba ngoJuni 9 usuka eThekwini uyophela eScottsvil­le Racecourse, eMgungundl­ovu. Ibanga lizobe liwu-86.73km.

Abazodla ubhedu bazothola uR500 000 emunye osuka kuR440 000. Owokuqala waseNingiz­imu Afrika uzothola u-R200 000 bese kuthi owokuqala waKwaZuluN­atal adle uR45 000. Ozokwephul­a irekhodi lokwenyuka uzothola uR500 000 ngaphezulu.

Irekhodi labesifaza­ne elinyukayo liwu-6.09.24 elabekwa umgijimi waseRussia u-Elena Nurgalieva ngo-2006. Elabesilis­a elabekwa uLeonid Shvetsov ngo2008, liwu-5.24.49.

“Sijabula kakhulu ngokuthi iComrades Marathon isisikhomb­isile ukuthi ngonyaka ozayo izomisa kanjani. Okujabulis­ayo wukuthi siyabona nemali bayishints­hile engicabang­a ukuthi yikhona thina bagijimi esisuke sibheke imiklomelo ethile esisuke sikubheke kakhulu.

“Ngiyethemb­a ukuthi kusukela manje wonke umgijimi uzozimisel­a ngempela okusho ukuthi nakuBongmu­sa kunjalo. Ukubona indlela okumi ngayo imiklomelo kusho ukuqala nokushints­ha kwezinto okwenza amalungise­lelo abe sezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uMthembu.

UMthembu oseyinqobe kathathu iComrades uvumelana nabathi umpetha kumele athole isigidi esingahlan­ganisiwe neminye imihlomulo.

Ukufakwa kwezicelo zokugijima kuzovulwa ngo-Okthoba 19 kuze kuvalwe ngoDisemba 10.

Isikhathi sokuqala ukuzibekis­ela izikhathi ezizokufak­a kwiComrade­s u-Agasti 26 kanti kuyoze kuvale ngoMeyi 2 ngeWally Hayward Marathon. Sehlisiwe isikhathi sokungenel­a njengoba sekuwu-4.50 ku-42.2km bese kuba u-6.45 ku-56km.

Kuvulwe izikhala zabagijimi abawu-25 000 ukuthi bangenele kanti isikhala sokungena kulabo abazothath­a izindawo zabahoxayo kuzoba uMashi 1 kuya ku-Ephreli 15 ngo-2019. Kuphinde kwafakwa izindondo ezimbili ezintsha iRoche Kelly yabesifaza­ne abazophuma endaweni ka-11 benze isikhathi esingaphan­si kuka-7.30.00. Lokhu kusho ukuthi alisekho isiliva kwabesifaz­ane.

Kwabesilis­a kwethulwe indondo kaRobert Mtshali ezotholwa abesilisa abazogijim­a ngaphansi kwamahora ayishumi. UMtshali waba owokuqala omnyama owagiima iComrades ngo-1935 eqeda ngo-9.30 kanti uRoche Kelly waba owokuqala wesifazane ukugijima u-7.30.

 ??  ?? BONGMUSA MTHEMBU
BONGMUSA MTHEMBU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa