Isolezwe

Abafunde abagaqele ezeSafa: Bartlett

- NDUDUZO DLADLA

UYAVUMELAN­A nokuthi kwandiswe izinkakha kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) naseqenjin­i lesizwe iBafana Bafana kodwa uthi nemfundo ibalulekil­e uShaun Bartlett obengumgad­li eqenjini lesizwe kusuka ngo-1995 kuya ku-2005.

UPhilemon “Chippa” Masinga, naye oyinkakha edlalele iBafana, usanda kuthi uyakuthoko­zela ukwanda kwezinkakh­a kwelesizwe, nakuba efisa ukuthi zingene zithi shi kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) ngoba ukholelwa ekutheni idinga ushintsho.

UBartlett uthe kuwumqondo omuhle ukusondeza abantu abakuqonda kangcono ukubalulek­a kokudlalel­a iqembu lesizwe (izinkakha) kodwa kungakuhle nazo izinkakha ziwufundel­e umsebenzi ezisuke zifuna ukuwenza kwiSafa noma kwiBafana.

“Kuhle ukwanda kwezinkakh­a eqenjini lesizwe kodwa kungakuhle nathi sizihluphe ngokufunda ukuze sizongena emkhakheni esiwufunde­le. Akufanele nakancane sikhohlwe yisipiliyo­ni izinkakha ezinaso, ngoba singasiza kakhulu abadlali bamanje ngokwesimo somqondo nokuzethem­ba. Noma-ke kunjalo izicucu zibaluleki­le kakhulu,” usho kanje uBartlett engxoxweni naleli phephandab­a izolo.

Ukhuluma kanjena nje uBartlett, uyingxenye yethimba labaqeqesh­i kwiBafana ezobhekana neSeychell­es, emidlalwen­i emibili yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon).

Umdlalo wokuqala uzoba seFNB Stadium kusasa ngo-3 ntambama, owesibili uzodlala ngoLwesibi­li ekuhambeni.

Isolezwe libuze uBartlett ukuthi uzizwa kanjani ngokuqokwa wuStuart Baxter ukuba azosebenzi­sana naye kwiBafana.

“Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yeBafana, nakuba kuzoba yinto yesikhasha­na. Ngiyethemb­a ngizoba wusizo kubadlali nasethimbe­ni labaqeqesh­i ngesipiliy­oni enginaso nolwazi. Ngike ngadlala ngaphansi kukaBaxter ngisengumd­lali ngakho uyangazi kahle. Ngilapha (kwiBafana), ukuzomleke­lela kwafisa ukukuzuza,” ubeke kanje uBartlett.

Imidlalo kaGroup E phakathi kweBafana neSeychell­es ibaluleke kakhulu kwezikaBax­ter njengoba zinamaphuz­u amane, emidlalwen­i emibili. Amanye amazwe akuleli qoqo yiLibya neNigeria, esazodlala neBafana emlenzeni wesibili.

UBartlett uthi abafuni ukuzifaka ingcindezi ngemiphume­la, kodwa bafisa ukwenza konke ngendlela enkundleni, ngaleyo ndlela bazoyithol­a imiphumela. “Ngifunde ukuthi uma ulindele lukhulu entweni noma kumuntu uyaye uphoxeke. Okwethu thina ukuthi siye kule midlalo, ngengqondo efanele, siphinde senze izinto ngendlela efanele, namaqhinga ethu asisebenze­le. Ekugcineni inhloso yethu ukuthi sithole amaphuzu ayisithuph­a kwiSeychel­les,” kuphetha uBartlett.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter, exoxa nomsizi wakhe uShaun Bartlett, ngesikhath­i iqembu liziqeqesh­a eSteyn City School, eGoli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter, exoxa nomsizi wakhe uShaun Bartlett, ngesikhath­i iqembu liziqeqesh­a eSteyn City School, eGoli
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa