ILexus ES emgwaqweni intofontofo
NGESIKHATHI siyivivinya ibizwakala ishesha ngokwanele yize kungesiyo imoto egijimayo. Lokhu kufakazelwa nawukuthi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-9.1 kanti ijubanje layo elikhulu ngu-210km/h.
Uma uthanda futhi uyakwazi ukuzishintshela wena kuma-paddle shift ngemuva kwesiteringi.
I-ES 300h nayo inenjini engu-2.5 litre enamandla afinyelela ku-160 kW. Ngenxa yokuthi iyi-hybrid okusho ukuthi ibuye ihambe ngebhethri, iyonga kuphethroli ngoba bathi isebenzisa amalitha angu-4.6 ngebanga lika-100km. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.6 kanti ijubane elikhulu limiswe ku-180km/h.
Esikhathini esincane engisitholile ngiyishayela ngizwe umsinjwana womoya. Lokhu kungenze ngadlala ingoma nokuyilapho ngiqaphele khona ukukhala kahle kwezipikha ezingu-17 zeMark Levinson.
Okunye engikuqaphelile okwenziwe wukuthi mhlawumbe ukuthi bengingakayijwayeli, ukuthamba kwesiteringi. Ngisithanda sithe ukuqina kancane, ikakhulukazi uma uyifake kuSport ukuze uzojika kahle emakhoneni.
Yize kunjalo ibilibamba ikhona ngaphandle kwenkinga yize kuwuhuntshu.
Emgwaqweni intofontofo kwazise inama-shocks amasha.
Ngingaze ngikhohlwe, ngaphandle kukaSport uyakwazi ukuyifaka ku-ECO nokuNormal, kuya ngawe. Ezokuphepha
Ngakwezokuphepha ifika nenqwaba yezinto engingabala kuzo ama-airbag angu-10. Ngaphezu kwalokhu ihybrid inePre-Crash System eyenza ukuthi izwe uma kukhona izimoto ezizayo nabantu bese iyabika. Okunye yi-Adaptive Cruise Control, iyabika uma uphuma emzileni, iyazicisha u bright uma kukhona izimoto ezizayo futhi iveza umzimba wonke wemoto uma uhlehla.
Ngicabanga ukuthi i-ES izokwenza kahle emakethe ikakhulukazi ngoba ngenani layo uthola izinto eziningi ngaphandle kokunezezela imali. Ukuqhubeka nokunyuka kwenani likaphethroli kungenzeka kuhehe amakhasimende kwihybrid njengoba yona yonga. Inani Lexus ES 250 EX - R593,300 Lexus ES 300h SE - R843,800
Iphuma ne warranty neFull Maintenance Plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000 km. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000 km noma kanye ngonyaka.