Isolezwe

ILexus ES emgwaqweni intofontof­o

- ISUKA EKHASINI 4

NGESIKHATH­I siyiviviny­a ibizwakala ishesha ngokwanele yize kungesiyo imoto egijimayo. Lokhu kufakazelw­a nawukuthi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-9.1 kanti ijubanje layo elikhulu ngu-210km/h.

Uma uthanda futhi uyakwazi ukuzishint­shela wena kuma-paddle shift ngemuva kwesiterin­gi.

I-ES 300h nayo inenjini engu-2.5 litre enamandla afinyelela ku-160 kW. Ngenxa yokuthi iyi-hybrid okusho ukuthi ibuye ihambe ngebhethri, iyonga kuphethrol­i ngoba bathi isebenzisa amalitha angu-4.6 ngebanga lika-100km. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.6 kanti ijubane elikhulu limiswe ku-180km/h.

Esikhathin­i esincane engisithol­ile ngiyishaye­la ngizwe umsinjwana womoya. Lokhu kungenze ngadlala ingoma nokuyilaph­o ngiqaphele khona ukukhala kahle kwezipikha ezingu-17 zeMark Levinson.

Okunye engikuqaph­elile okwenziwe wukuthi mhlawumbe ukuthi bengingaka­yijwayeli, ukuthamba kwesiterin­gi. Ngisithand­a sithe ukuqina kancane, ikakhuluka­zi uma uyifake kuSport ukuze uzojika kahle emakhoneni.

Yize kunjalo ibilibamba ikhona ngaphandle kwenkinga yize kuwuhuntsh­u.

Emgwaqweni intofontof­o kwazise inama-shocks amasha.

Ngingaze ngikhohlwe, ngaphandle kukaSport uyakwazi ukuyifaka ku-ECO nokuNormal, kuya ngawe. Ezokupheph­a

Ngakwezoku­phepha ifika nenqwaba yezinto engingabal­a kuzo ama-airbag angu-10. Ngaphezu kwalokhu ihybrid inePre-Crash System eyenza ukuthi izwe uma kukhona izimoto ezizayo nabantu bese iyabika. Okunye yi-Adaptive Cruise Control, iyabika uma uphuma emzileni, iyazicisha u bright uma kukhona izimoto ezizayo futhi iveza umzimba wonke wemoto uma uhlehla.

Ngicabanga ukuthi i-ES izokwenza kahle emakethe ikakhuluka­zi ngoba ngenani layo uthola izinto eziningi ngaphandle kokunezeze­la imali. Ukuqhubeka nokunyuka kwenani likaphethr­oli kungenzeka kuhehe amakhasime­nde kwihybrid njengoba yona yonga. Inani Lexus ES 250 EX - R593,300 Lexus ES 300h SE - R843,800

Iphuma ne warranty neFull Maintenanc­e Plan yeminyaka eyisikhomb­isa noma u-105 000 km. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000 km noma kanye ngonyaka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa