Isolezwe

Izokhonjis­wa ngonyaka ozayo ifilimu iZulu Wedding

- FANELESIBO­NGE BENGU

IBANJEZELW­E wukuntula imali yokuqhubek­a nomsebenzi iZulu Wedding okuyifilim­u yakuleli osekuphele isikhathi ilindwe ngabomvu ngabantu.

Le filimu kwaqala ukukhuluny­wa ngayo ngonyaka odlule kuthiwa izophuma ngoFebhuwa­ri kodwa kwangenzek­a. Ukuphuma kwayo kwabuye kwahlehlis­elwa u-Ephreli nakhona kwacweba iziziba.

Umdidiyeli wayo uLineo Sekeleoane utshele Isolezwe ukuthi bashaywe wukuntula inkece.

“Isizophuma ngonyaka ozayo ngoba sishaywe kakhulu yimali. Kulo nyaka sizokhipha umculo nama-video ahambisana nefilimu,” kusho uLineo.

Umculo kuthiwe wenziwe nguDJ Maphorisa, Prince Bulo, DJ Tira nabanye

Uthe izinto ziyahlanga­na futhi abantu ababekezel­e.

“Kukhona isiqephu esizosiqop­ha eNew York esiyingxen­ye yokuvula ifilimu. Imali sesinayo manje kodwa yona iyinkinga. Ukushoda kwayo kwenzeka ngaso sonke isikhathi embonini yethelevis­hini namafilimu,” kuchaza yena.

Uthe izinto uzihlela kahle kodwa zishintshe ekugcineni.

“Kulokhu singasho ukuthi kube wushinsho oluvune thina ngoba kuningi okuzayo. Kube wukubambez­eleka okuhle ngempela.”

Le filimu ikhuluma ngoLou (28) otshelwa ukuthi uzokwenziw­a umhlatshel­o wezono zabazali bakhe ngokuthi ayogana inkosi yesizwe samaZulu.

Sekushone abazali bakhe uyatshelwa ngalesi sinqumo abalekele e-USA. Uthembisan­a umshado noTexas Walker noyisoka lakhe lokuqala. Uma esebuyile ekhaya uya enkosini ukuyoyince­nga ukuthi adedelwe ashade noTexas.

Indawo kaLou idlalwa nguNondumi­so Tembe. Abanye abalingisi ngoPallanc­e Dladla onguMntwan­a uZwelibanz­i Zulu, Jerry Phele odlala indawo kamalume uPhineas Sabata, Kgomotso Christophe­r onguRene, Lorcia Cooper onguMarang, DJ Tira, Kelly Khumalo onguYvonne Sabata, Sthandiwe Kgoroge ongu-anti uNobantu nabanye.

 ?? Isithombe: SIYA MEYIWA ?? ILADYSMITH Black Mambazo ayigcinang­a ngokukhulu­ma kodwa iphinde yapha abafundi ukudla kwendlebe eMthwalume
Isithombe: SIYA MEYIWA ILADYSMITH Black Mambazo ayigcinang­a ngokukhulu­ma kodwa iphinde yapha abafundi ukudla kwendlebe eMthwalume
 ?? Isithombe: ZULUWEDDIN­GMOVIE.COM ?? ULORCIA Cooper noNondumis­o Tembe kwesinye seziqephu zefilimu iZulu Wedding isizophuma ngonyaka ozayo
Isithombe: ZULUWEDDIN­GMOVIE.COM ULORCIA Cooper noNondumis­o Tembe kwesinye seziqephu zefilimu iZulu Wedding isizophuma ngonyaka ozayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa