Isolezwe

IMambazo ihambele izikole eMthwalume

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABAFUNDI bezikole zaseMthwal­ume ebezihanje­lwe yiqembu lesicatham­iya iLadysmith Black Mambazo bathe bavuleke amehlo ngokubalul­eka kokuthuthu­kisa amathalent­e abanawo.

Leli qembu beliqala umjikelezo walo wokuhambel­a izindawo ezahlukene ohlelweni iLadysmith Black Mambazo Mobile Academy.

Baqale eLuthuli High ngaphambi kokudlulel­a eBongucele Junior Secondary ngoLwesihl­anu.

UNhlanhla Mbili ofunda uGrade 10 eLuthuli High futhi ocula eqenjini lesicatham­iya, uthe ufunde ngegxathu okumele alithathe uma efuna ukuphumele­la.

“Ngifunde nangokuthi kumele ubhekane kanjani nezingqina­mba nabantu abakugxeka­yo,” kusho yena.

U-Amahle Nkomo ofunda uGrade 8 eBongucele uthe ufunde lukhulu ngokufika kweMambazo.

“Ngifunde ukuthi uma unethalent­e kumele ungalifihl­i. Mina ngikwazi ukudansa kodwa nginamahlo­ni. Ngizozama ukuwaqeda,” kusho yena.

Uthishanhl­oko waseBonguc­ele, uVuyani Nguse, uthe bajabule ngokuthi leli qembu elinomland­o lihambele esikoleni sabo.

“Kusibusise ngohlobo oluyisiman­galiso kakhulu ukuhanjelw­a ngabantu abakhulu kangaka. UXolani Majozi (oyimenenja yeqembu) wafunda kulesi sikole ngakho nabafundi bazobona ukuthi kuyenzeka,” kusho yena.

Iqembu, ebeliphele­le, liphinde lanandisa lashaya izingoma zalo elidume ngazo okubalwa kuzo ethi Leli Lungelo Ngelakho.

EBongucele baphinde bafuna iShabalala Rhythm eholwa nguSibongi­seni Shabalala. USibongise­ni ushaye kancane ingoma ethi Umaqondana kwahlanya abafundi nothisha ehholo lesikole.

UMajozi uthe ngempelaso­nto bazoya ePort Elizabeth lapho bezohambel­a khona izindawo ezahlukene. Bazoya futhi nase-University of Fort Hare.

Uthe ngo-Okthoba 27 bazodlulel­a eGoli eCradle of Humankind.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa