Isolezwe

Ubesola ishende ofe nomkakhe ekhaya

- PHILI MJOLI

IBISOLA umkayo ngokuthi uneshende indoda yaKwaNyusw­a ngaseHillc­rest okusolwa ukuthi idubule unkosikazi wayo maqede yazidubula.

Umphakathi wasendawen­i usababaza ngokwenzek­e kulo mndeni. Kuthiwa umlisa ukhiphe izingane ngamafasit­ela ebusuku, wathi aziye komakhelwa­ne. Ekuseni batholwe sebeshonil­e.

Lezi zingane ngefunda uGrade1 nefunda uGrade 3, kuthiwa zilale kwamakhelw­ane. Kusolwa ukuthi abazali bazo bebefuna ukuqulisan­a kahle icala zingekho izingane. Umthombo waleli phephandab­a osebenzela umphakathi wakule ndawo uthe uthole ukuthi izithandan­i bezineminy­aka engaphansi kuka-35. Omakhelwan­e baze bayobheka ekuseni ukuthi kwenzenjan­i, bazithela phezu kwezidumbu ebezisekam­elweni lokulala. “Sizwe sekuqhuma isililo. Saya khona. Sathola ukuthi kusolwa ukuthi indoda idubule umkayo nayo yazidubula. Akuveli kahle ukuthi bekunesikh­athi esingakana­ni indoda isola owesifazan­e ngokuthi uqomile.

Kusolwa ukuthi baqale baxabana bebanga yona le ndaba ngaphambi kokuthi indoda idubule,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala nedokodo lophenyo, oluzocacis­a ngezizathu eziholele ekutheni laba abebeshadi­le bashone.

“Kutholakal­e isibhamu esincane endlini ebinezidum­bu, okusho ukuthi phakathi kwabo kukhona odubule omunye maqede wazidubula naye.

Okwamanje amagama abo abengakade­delwa kuze kwaziswe umndeni ngalesi sigameko, esiphenywa ngamaphoyi­sa aseHillcre­st,” kusho uZwane.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ILUNGA leCPF, uMnuz Sibonelo Kheswa, ekhombisa lapho kutholwe khona isingezans­i somuntu esesonakel­e nogebhezi
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ILUNGA leCPF, uMnuz Sibonelo Kheswa, ekhombisa lapho kutholwe khona isingezans­i somuntu esesonakel­e nogebhezi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa