Isolezwe

Injabulo uRamaphosa ebanika umhlaba

-

uRamaphosa.

Uthe uqale ukuzwa ngesicelo sokuthi kubuyiswe umhlaba waKwaMkhwa­nazi ngePhasika kulo nyaka ekade esenkonzwe­ni yebandla iCovenant eliholwa uMphostoli Collins Dhlomo.

“UMphostoli uDhlomo uyena owabasa umlilo wangivalel­a ekhoneni wathi kunesicelo esidala sokuthi kubuyiswe umhlaba waKwaMkhwa­nazi kodwa abazi ukuthi kubambeni, wathi angisayine ukuthi umhlaba uzobuya kodwa nganqaba ngathi uhulumeni akasebenzi kanjalo ngaze ngacela ukuthi okungenani akanginike izinyanga eziyisithu­pha njengoba manje lolu daba sesiluxazu­lulile,” kusho uRamaphosa.

URamaphosa uthe uhlelo lokubuyisw­a komhlaba waKwaMkhwa­nazi lwenziwe kulandelwa umthetho.

Uthe kukhona lapho bezowuthat­ha khona umhlaba kodwa kube khona izinxephez­elo abazikhiph­ayo.

URamaphosa uthe lesi isicelo sokuqala sokubuyisw­a komhlaba kwabazobe bezixazulu­la ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo.

“Lo mhlaba esiwubuyis­ayo ngicela ukuthi niqhubeke niwusebenz­ise ukuze kudaleke amathuba emisebenzi kuphinde kufukulwe umnotho,” kusho uRamaphosa.

Uthe imali ezongenisw­a yilo mhlaba kumele ingangeni emaphaketh­eni abantu abambalwa.

“Sicela ukuthi ningasipho­xi ngoba siyazi ukuthi lapho okukhona imali khona kujwayele ukuthi kube nomsindo,” kusho uRamaphosa. Uthe umzabalazo wawungeve umayelana namavoti kuphela kodwa ubumayelan­a nokufukula abantu.

“Sizokhipha imifundaze lapho sizoxhasa khona intsha efuna ukuthi iyofunda ngamahlath­i ukuze ibuye izosiza imiphakath­i efana nalona waKwaMkhwa­nazi,” kusho uRamaphosa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa