Injabulo uRamaphosa ebanika umhlaba
uRamaphosa.
Uthe uqale ukuzwa ngesicelo sokuthi kubuyiswe umhlaba waKwaMkhwanazi ngePhasika kulo nyaka ekade esenkonzweni yebandla iCovenant eliholwa uMphostoli Collins Dhlomo.
“UMphostoli uDhlomo uyena owabasa umlilo wangivalela ekhoneni wathi kunesicelo esidala sokuthi kubuyiswe umhlaba waKwaMkhwanazi kodwa abazi ukuthi kubambeni, wathi angisayine ukuthi umhlaba uzobuya kodwa nganqaba ngathi uhulumeni akasebenzi kanjalo ngaze ngacela ukuthi okungenani akanginike izinyanga eziyisithupha njengoba manje lolu daba sesiluxazululile,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthe uhlelo lokubuyiswa komhlaba waKwaMkhwanazi lwenziwe kulandelwa umthetho.
Uthe kukhona lapho bezowuthatha khona umhlaba kodwa kube khona izinxephezelo abazikhiphayo.
URamaphosa uthe lesi isicelo sokuqala sokubuyiswa komhlaba kwabazobe bezixazulula ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
“Lo mhlaba esiwubuyisayo ngicela ukuthi niqhubeke niwusebenzise ukuze kudaleke amathuba emisebenzi kuphinde kufukulwe umnotho,” kusho uRamaphosa.
Uthe imali ezongeniswa yilo mhlaba kumele ingangeni emaphaketheni abantu abambalwa.
“Sicela ukuthi ningasiphoxi ngoba siyazi ukuthi lapho okukhona imali khona kujwayele ukuthi kube nomsindo,” kusho uRamaphosa. Uthe umzabalazo wawungeve umayelana namavoti kuphela kodwa ubumayelana nokufukula abantu.
“Sizokhipha imifundaze lapho sizoxhasa khona intsha efuna ukuthi iyofunda ngamahlathi ukuze ibuye izosiza imiphakathi efana nalona waKwaMkhwanazi,” kusho uRamaphosa.