Isolezwe

Kunukwa abensangu kusha igumbi esikoleni

- PHILI MJOLI

KUSHISWE igumbi elingumaha­mba nendlwane ePrince Silwane High, KwaNongoma, kwasolwa abafundi abangafuni ukukhuzwa ngokubhema insangu esikoleni.

Leli gumbi eligcina izincwadi lishiswe ngoLwesihl­anu ebusuku, ngemuva kokuthi iqeqebana labafundi ababhema insangu lisongele uthisha obelilanda lilele ngezisu ehlathini ngemuva kokubhema insangu, lathi lizokwenza noma yini ezokhombis­a ukuthi selikhathe­le.

Kuthiwa leli qeqebana litshele uthisha ukuthi uyalidina ngokulokhu elilanda lizilalele ehlathini.

Leli qeqebana labafundi kuthiwa lime ngokuthi kuvumeleki­le ukubhenywa kwensangu kuleli.

Umthombo waleli phephandab­a uthi laba bafundi abaqondi ukuthi yize kuvumeleki­le ukubhenywa kwensangu kodwa akuvumelek­ile ukuyibhema besesikole­ni.

“Uma betshelwa lokho ababe besafuna ukulalela, bama ngokuthi banelungel­o. Insangu kulesi sikole beyivele ibhenywa kodwa manje sengathi sebeyabuki­sa njengoba sebemi ngokuthi kuvumeleki­le,” kusho umthombo.

UMnuz Johannes Khumalo wesigungu esilawula isikole, uthe basola ukuthi ukushiswa kwaleli gumbi kungenye yezindlela zokuphazam­isa ukubhala kukamatric.

“Ukubhenywa kwensangu kulesi sikole kudlangile futhi akuyona into eqale njengoba kusanda kumenyezel­wa ukuthi ukubhenywa kwensangu kuvumeleki­le. Naseminyak­eni ephambili beyibhenyw­a kodwa senyukile isibalo ngemuva kwalesi simemezelo.

Laba bafundi bawo wonke amabanga abazimisel­i ngomsebenz­i wesikole. Kuthi uma sekufike isikhathi sokubhalwa kwezivivin­yo, baphazamis­e abanye. Nyakenye leli qeqebana lensangu lagibela izimbongol­o lagijima ngazo egcekeni esikole, kwaphazami­seka ukubhala.

Ngomunye unyaka kwashiswa igumbi elalakhiwe ngamapulan­gwe elaligcina imiqingo yabafundi ababefunda kulesi sikole phambilini.

Uma sekwenzeka into enje siyathuka, sibona sengathi ngenye yezinto okuhloswe ngazo ukuphazami­sa izivivinyo,” kusho umthombo.

UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe othisha kumele basebenzis­e imigomo elawula ukuphathwa kwesikole uma kunenkinga yokubhema, ingasaphat­hwa eyokubheny­wa kwensangu.

“Asifuni ukuqagela ukuthi ukushiswa kwegumbi kuhlangene nokubhenyw­a kwensangu kodwa sithi amaphoyisa awenze umsebenzi wawo, abathintek­ayo babhekane nengalo yomthetho. Sizolinda umbiko ophuma kubahloli ngalesi sigameko, bese siphawula ngokuphele­le,” kusho uMlotshwa. ULt Col Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uthe kuvulwe icala lokuthunge­la ngomlimo isakhiwo, eliphenywa amaphoyisa aKwaNongom­a.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa