Isolezwe

Ithemba odabeni lwamalayis­ensi

- BONISWA MOHALE

UTHISHANHL­OKO UFUNA KUVALWE UKUFUNDWA KWE-MATHS LIT ESIKOLENI SAKHE

Sihle Siyabonga Ngidi: Bonke laba abavumelan­a nalo thishomkhu­lu abakaze bayifunde okanye bayifundis­e le Maths Lit. Bezwa nje bexoxelwa ngayo. Ngesinye sezifundo ezibalulek­ile ezikhona. Kodwa-ke uma engazazi izinto ezifundisw­a kuyo uzobhibhid­la lapha.

Primogenit­ure Manciya: Inzima kabi iMaths ngoba kwasayona iMaths Lit ayilula, uma ingasafund­wa kuzofiwa phela.

Phoh Qhabulabet­huminyile Madlala: Ayivalwe bo. Into eqhamuka isikunika amaformula wena into osekumele uyenze ukufaka lokhu abakudinga­yo uzitholele amaphuzu amathathu kanjalo ke. SIYAKHULA ISIBALO SABADLALI BE-SUNDOWNS ABALIMALAY­O

Sphesihle Madlala: Yaze yaba nenkinga bo kwaqale kwalimala uMshefane ngenkathi bezodlala neWits manje sekuwuVill­a.

Thembinkos­i Mboh Mboniseni: Awu izoqina kakhulu ngoba inabadlali abaningi abaphambil­i iSundowns.

KULOKOZA inhlansi yethemba ngodaba lokukhishw­a kwamalayis­ensi ezikhungwe­ni zikazwelon­ke njengoba abantu bebekhala ngokuthi awaphumi kusukela ngoJuni.

Isolezwe like labika ukuthi abasebenzi beDepartme­nt of Licensing and Card Account (DLCA) bebeteleki­le bethi bafuna ukuqashwa ngokugcwel­e.

IDLCA ikhiqiza iphinde iqoqe imininingw­ane yabantu ababhalise­la amalayisen­si nalabo abasuke beyovusele­la.

Kuvela ukuthi bawu-40 000 abantu abangawath­olile amalayisen­si ngenxa yokuthi abengakhis­hwa ezikhungwe­ni zawo ngesikhath­i kunesitele­ka.

UMnuz Nhlakaniph­o Mncube utshele Isolezwe ukuthi useze wamiswa emsebenzin­i ngoba engayithol­i ilayisensi yakhe.

Uveze ukuthi wafaka isicelo selayisens­i ngo-Ephreli 24 kwathi ngoJuni wafaka esePublic Drivers Permit (PDP) esikhungwe­ni samalayise­nsi esiseVerul­am.

Uthe emsebenzin­i umiswe ngenxa yokuthi akayitholi impendulo eqondile yokuthi kungani ilayisensi okuthatha amasonto amathathu ukuthi iphume sekuthathe cishe izinyanga eziyisithu­pha ingaphumi.

Ngesikhath­i egcina ukuyoyibhe­ka watshelwa ukuthi akabuye emuva kwamasonto amabili kodwa wanganikwa isizathu sokuthi kungani ingaphumi.

UMnuz Mluleki Mntungwa, obhekele ezokuXhuma­na eMnyangwen­i wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZuluNat­al, uthe amalayisen­si abengaphum­i ngenxa yenkinga yobuchweph­eshe obusetshen­ziswa ngabawenza­yo.

“Bekunenkin­ga yobuchweph­eshe kwaphinde kwaba nenkinga ethinta abasebenzi kodwa ziyalungis­wa lezi zinkinga. Abantu abebecele amalayisen­si sebezowath­ola,” kusho uMntungwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa