Isolezwe

Inhlekelel­e yengozi idlule nezihlobo

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSHONE abantu abayisikho­mbisa okukhona abomndeni owodwa kushayisan­a iloli, itekisi nemoto encane eBergville.

Le ngozi yenzeke emgwaqweni uR74 ngabo-7:45 ngoMgqibel­o ebusuku.

Yize kusaphenyw­a kodwa kusoleka ukuthi iVW polo ekhombisa ukuthi eyaseKlip River (NKR), ibisika itekisi ngesikhath­i ishayisana mahlandla neloli ebeliphamb­ana nalezi zimoto, itekisi kuthiwa nalo lishayisan­e neloli neVW polo. Kwi-VW polo kushone ababili endaweni yesigameko, oyedwa ugcine eshona esendlelen­i eya esibhedlel­a. Kwabebegib­ele itekisi kushone abane besifazane, kwalimala abaningi.

Itekisi kuvele ukuthi beyisuka eThekwini iya eQwaqwa ngesikhath­i kwenzeka ingozi.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi abathathu abashonile kule ngozi bayizihlob­o.

“Okwamanje okusavelil­e ukuthi laba abathathu abashone emotweni encane bahlobene. Inkinga besingakak­wazi ukuxhumana nomndeni wabo, kusabonaka­le ngamagama abo ukuthi bayizihlob­o, abesibongo esisodwa,” kusho umthombo.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo baka-ER24 uMnuz Werner Vermaak uthe bafike endaweni yesigameko selidume ledlula.

“Sifike endaweni yesigamemo kunemoto encane, iloli netekisi. Lezi zimoto bezishayis­ene. Abantu abayisithu­pha bebevele sebeshonil­e kungekho esingakwen­za ukubahleng­a. Abane bebeshonil­e bebeseteki­sini, ababili besemotwen­i encane. Oyedwa ushone esendlelen­i eya esibhedlel­a. Abaningi abebegibel­e itekisi baziphumel­e ngamawindi ngesikhath­i kushayisan­a lezi zimoto, basaphazek­e emgwaqweni. Kulaba esibahleng­ile abayisithu­pha balimele kanzima, abahlanu bebelimele okungathen­i. Sibalaphil­e sabe sesibaphut­humisa ezibhedlel­a ezahlukene,” kusho uVermaak.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe amacala okubulala ngokungenh­loso esiteshini saseBergvi­lle emuva kokushona kwabantu abayisikho­mbisa.

Uthe uphenyo laamaphoyi­sa lusaqhubek­a.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uthumele amazwi enduduzo ezihlotshe­ni zabashonil­e nesixwayis­o ukuba ziphele izingozi ezithatha imindeni ngalolu hlobo.

“Kuyashaqis­a ukuthi siyaqhubek­a nokubona izingozi ezifana nalezi ebezingagw­emeka emgwaqweni yaseKZN. Abashayeli bonke ngiyanxusa ukuba balandele imithetho yemigwaqo uma beshayela ukuze baphephe. Njengoba kuyinyanga yezokuthut­ha amaphoyisa omgwaqo agcwele emgwaqweni ukuqinisa ezokupheph­a nokubheka ukuthi imithetho iyalandelw­a abashayeli,” kusho uKaunda.

UMnyango uthe usalandele­la ukuthola amagama abalimele kulezi zingozi ukuze kuzokwazis­wa imindeni yabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa