Isolezwe

Ubalise ngonina oweMaratho­n

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMPETHA womsubathi uBongmusa Mthembu uthe ubefisa ukuhlonish­wa kukhona unina kwi-Old Mutual Spirit of Comrades Award 2018.

Umcimbi obuwukhazi­khazi ubuse-Langeni Hotel eThekwini ngoLwesihl­anu ebusuku.

UMthembu uthe yize ekujabulel­a ukuhlonish­wa ngokuba umpetha emjahweni ka-2018 kodwa bekungamja­bulisa kakhulu ukuba unina ubekhona ambone ehlonishwa.

“Umndeni wami uyaziqheny­a ngami. Umama wami bengifisa ukuba abekhona namhlanje angibone ngifakwa leli bhantshi lompetha phambi kwabantu, manje akwenzekan­ga ngenxa yokuthi akaphilile kahle njengoba esengumunt­u okhulile ngeminyaka. Ubefisa naye ukuzobona ingane yakhe ihlonishwa,” kusho uMthembu.

UMthembu uthe umndeni wakhe ose-Bulwer ubaluleke kakhulu ngoba iwona omseka kakhulu uma eziqeqesha noma sekufike ilanga lemijaho.

UMthembu uthe ukuhlonish­wa ngokuba umpetha kuyamgqugq­uzela futhi kumenza afise ukuphinde enze kahle kulo mjaho.

Ubonge nabanye abasubathi abenza ukuthi abe ngumpetha.

“Ngiyabonga kakhulu kubasubath­i abangenela lo mjaho ngoba yibona abenza uBongmusa abe umpetha. Ngaphandle kwabo ngabe ayikho iComrades,” kusho uMthembu.

UMthembu uthe ngonyaka ozayo njengoba umsubathi ozodla umhlangani­so ezothola imali engaphezu kukaR1 million kuzobe kuqhudelwa­na ngempela.

“Kuzobe kuyimpi. Sonke sifuna isicoco ngonyaka ozayo njengoba nomklomela umuhle kangaka,” kuhleka uMthembu.

UMthembu uhlonishwe nozakwabo wesifazane owadla umhlangani­so, u-Ann Ashworth obengekho emcimbini.

Kuklonyeli­swe nentatheli evelele uMatshelan­e Mamabolo esebenzela i-Independen­t Media eGoli. Abanye abanconywe ngeqhaza labo kwiComrade­s kube uDean Wight noGrant Cummings ngokuqoqa imali edlule kuR300 000 umuntu emunye. Kuhlonishw­e nabanye emcimbini.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? BAKLONYELI­SWE ngokwenza kahle kwi-Comrades Marathon ka-2018. Lapha kukhona noBongmusa Mthembu umpetha weComrades
Isithombe: SITHUNYELW­E BAKLONYELI­SWE ngokwenza kahle kwi-Comrades Marathon ka-2018. Lapha kukhona noBongmusa Mthembu umpetha weComrades
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa